EzakamuvaIbhola

Kushone inkakha eyayingusihlalo weNSL

SIHLE NGUBO 

Kudlule emhlabeni inkakha eyaba nesandla ekukhuphukeni kwebhola eNingizimu Afrika, u-Ashwin Trikamjee, owayengusihlalo weNational Soccer League (NSL).

UTrikamjee ungomunye walabo abalwa ngayo yonke indlela ukuze kugcine kuneNSL kuhlanganiswa izinhlangano nakomiti ehlukene.

“Njengosihlalo weSouth African Soccer Federation, wadlala indima ebonakalayo ukuhlanganisa izinhlangano zebhola ezehlukene namaligi eNingizimu Afrika, ngesikhathi sobandlululo,” kusho isitatimende esithunyelwe yiPSL.

“Waphinda waba yingxenye yethimba elaliyokwethamela izingxoxo zobumbano eLusaka.

“Njengomuntu owayezinikele ebholeni futhi eseqhulwini ezintweni ezithinta lona, uTrikamjee wawenzela lukhulu unobhutshuzwayo.

“I-PSL izwelana nomndeni ngokulahlekelwa (uTrikamjee) futhi idlulisa amazwi enduduzo kuwona ngaleli qhawe elisebenzele izwe ngokuzinikela nokwethembeka.

“Kuzoba nomzuzwana wokuthula ahlonishwe kuyona yonke imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) ngempelasonto. Umoya wakhe uphumule ngoxolo.”

Umdlalo weDDC obhekwe kakhulu kule mpelasonto, ophakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngeSonto.

Imidlalo yeBetway Premiership izamile kancane njengoba kudlalwa imidlalo yamazwe embandakanya eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

IBafana Bafana izobhekana neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu ntambama.