UJessica Motaung uthi umbhedo ukuthi iChiefs ayifuni ukukhokha
SIHLE NGUBO
UJessica Motaung, oyiMarketing and Commercial Director yeKaizer Chiefs, uthi yinto engekho ukuthi leli qembu laseNaturena liyagongobala nemali uma kumele lithenge abadlali.
Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iToyota Cup ka-2025 ngoLwesine.
IChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.
Ngesizini edlule Amakhosi abhekane neYoung Africans yaseTanzania, eToyota Stadium, eBloemfontein.
Kulo mdlalo kunqobe iYoung Africans ngo 4-0 nokuyinto efake ingcindezi kakhulu kumqeqeshi uNasreddine Nabi obesanda kufika kwiChiefs.
Yize iChiefs inqobe iNedbank Cup ngesizini edlule kodwa ayibanga nesizini enhle njengoba iqede endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship.
Nokho uJessica uthe iChiefs iyayikhipha imali yokuthenga abadlali njengoba kufanele.
“IChiefs ikhokha imali enkulu kakhulu, ngakho ngiyamangala ukuthi kukhona abathi iChiefs ayifuni ukukhokha,” kusho uJessica.
“Ngicabanga ukuthi lowo umbhedo nje uma ubheka kwibhajeti yethu. Ngibheka kukho konke esikwenzayo uma kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.”
IChiefs igxekwa ngokuthi isayinisa abadlali kuphela uma sebephelelwe izinkontileka emaqenjini abo.
Leli qembu lisanda ukusayinisa uThabiso Monyane noPaseka Mako abadedelwe yi-Orlando Pirates emasontweni edlule.
“Kumele sibheke embonini yethu kodwa nakanjani siyayifaka imali eningi, hhayi kuphela kubadlali kodwa nasethimbeni labaqeqeshi,” kuchaza uJessica Motaung.
“Ngakho uyabona ukuthi iChiefs ifaka imali yayo lapho kufanele khona.”
Mayelana nomdlalo weChiefs ne-Asante Kotoko, uMotaung uthe: “Umdlalo omuhle kithina ukulungiselela isizini nethuba elihle ukuzivivinya.”

