EzakamuvaIbhola

Siveza okuhle ngovalo lukaHugo Broos nge-Afcon

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos useveze ukuthi kukhona okumtshela ukuthi uma engadlulanga esigabeni samaqoqo kwiCaf Africa Cup of Nations, izinto zizombhedela.

UHugo Broos uzohola iBafana uma seyidlala umdlalo wayo wokuqala kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast ngoLwesibili kusihlwa. 

Engxoxweni abe nayo nabezindaba bangakubo eBelgium ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano, uHugo Broos uvume ukuthi unengcindezi.

Uthe uyazi ukuthi uma engenzanga kahle, futhi ehlulekile ukudlula esigabeni sokuqala, kuzoba nezinkulumo zokuthi akaxoshwe.

Kodwa akukhona lokho okumfaka itwetwe kakhulu njengoba kukhona okunye akuvezile. 

“Sengivele ngiyazi ukuthi uma singahluleka, yimi ozongena enkingeni. Kodwa angizikhathazi ngalokho,” kusho uBroos kwiHet Laatste Nieuws.

“Njengoba sengimdala nje kulo mdlalo, sengiqine kakhulu. Namanje ngisasho ukuthi kube wumlingo ukuthi singene kwi-Afcon. 

“Uma singakwazanga ukudlula esigabeni samaqoqo, okuncane okungenzeka kimi wukuthi ngigxekwe kakhulu.

“Okungisabisayo wukuthi ngabe inhlangano eyengamele ibhola (iSafa) izokwazi yini ukumelana naleyo ngcindezi (yabalandeli bethi akaxoshwe).

“Kodwa ukukhuluma iqiniso nje, Akungikhathazi kangako lokho manje,” kuchaza lo mqeqeshi oneminyaka engu-71. 

“Sengisondele ekutheni ngiyeke umsebenzi manje. Ngiyakwazi lokho, ngiyakuzwa nasegazini.

“Sengidedela iphini lami liqhubeke nomsebenzi, mina ngenza lokho nalokho nje njengokuyokhuluma nabezindaba.

“Lezo ngezinye zezinto engangizenza ngimomotheka, kodwa manje akusenjalo… 

“Uyabona, lona kungenzeka ukuthi umsebenzi wami wokugcina. Empeleni kuduma lokho ekhanda lami.” 

Lokhu kuzokwenza lo mqeqeshi afune ukwenza kahle ukuze angaxoshwa kwazise naye useyazi ngeke esaqasheka kwenye indawo. 

Okunye okuhle wukuthi uzofuna ukuthi uma ethatha umhlalaphansi, ashiye kade enze kahle, hhayi exoshelwe ukubhacaza.