Kukhuzwa abalandeli beChiefs ngokuthuka abakwaMotaung
Sbongs Gumbi
Isikhulu esibhekelele ezokuxhumana kwiKaizer Chiefs, uVina Maphosa sesinxenxe abalandeli baleli qembu ukuthi bapheze ukuthuka abaphathi.
Leli qembu lingaphansi kwengcindezi enkulu njengoba sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili nje lingayazi indebe.
Lokhu sekwenze abalandeli ukuthi babe nezinhliziyo ezincane, basheshe bathunukale uma bebona sengathi akuhambi kahle.
NgeSonto abalandeli bavuke umbhejazane, bathuka izinhlamba, bajikijela nomqeqeshi uMolefi Ntseki bethi akashiye lo msebenzi wakhe.
Bebekhaliswa wukuthi abaliboni iqembu libhekephi ngemuva kokuba lihujiswe izithunzi yiTS Galaxy elishaye ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership.
“Umqeqeshi akanalutho. Lokhu okwenzeke eMbombela uyazi yinto eyenzekayo kulo msebenzi akuwo,” kusho uMaphosa kwabeRadio 2000.
“Sizama konke okusemandleni ukubuyisela iqembu la kufanele libe khona. Kodwa asivumelani nodlame olwenzeka ezinkundleni.
“Siyakuqonda ukuthi ibhola wumdlalo ohambelana nemizwa kodwa ukuhlulwa yinto ekhona ebholeni.”
Abaphathi beqembu, okungumndeni kaKaizer Motaung ongumsunguli nosihlalo, nawo uyathukwa ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bakhala ngokuthi awuvele ulidayise leli qembu ngoba liyawehlula.
Kukhona nabathi akuqashwe abantu okungebona abesibongo ezikhundleni zokuphatha ukuze benze umsebenzi ngokuzimisela.
“Siyabacela abalandeli ukuthi basinike isikhathi. Lo mndeni (wakaMotaung) ufake imali eningi eqenjini futhi awukufanelwe lokhu kuthukwa okwenzeka ezinkundleni zokuxhuumana.
“Sicela abalandeli behlise umoya,” kuchaza uMaphosa. Uthe Iqembu lisameseka uNtseki futhi liyakholelwa kuye.
“Akubuzwa ukuthi siyameseka umqeqeshi uNtseki. Uqokwe ngoba sifuna azobuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini.
“Ngeke ke manje bese sivele simjikela, simlahlise okwenyongo yenyathi. Kusadlalwe imidlalo emithathu nje vo.
“Newindi lokusayinisa abadlali alikavalwa kanti nomgadli wethu omusha akakafiki.
FUNDA NALA: AmaZulu avuke ngonyazi lomgadli waseGuinea
“Sicela nje ukuthi abalandeli babe nesineke ngoba izinto zizojika maduze. Izinsuku zenabulo sezisemome.”