Ujabulele impilo entsha kuMaZulu obekhuhla ibhentshi
SIHLE NGUBO
USifiso Ngobeni, obolekiswe yiMamelodi Sundowns eqenjini laKwaZulu-Natal, AmaZulu FC, uthi wesese kakhulu ngokuba yingxenye yoSuthu.
Usho lokhu esitatimendeni esikhishwe wuSuthu ngoMsombuluko lapho belwethula khona lo mdlali ngokusemthethweni.
“Ngijabule kakhulu ukujoyina AmaZulu. Ngizimisele ngokusebenza kanzima ukujabulisa abalandeli nomengameli weqembu,” kusho uNgobeni.
“Ngiyajabula ukuthi ngizohlangana nabantu abakahle ukuze sisize iqembu liphakame.
“Leli qembu linomlando ojule kakhulu, futhi sidinga ukuletha injabulo kubalandeli ngokuthi iqembu liqede endaweni yesine (kwilogi).
UNgobeni uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kwiBloemfontein Celtic (engasekho) ngo-2019. Ubesuka enkulisa yeqembu.
Ikhono lakhe lisheshe labonwa amaqembu amaningi kwiPremiership, okumbandakanya neMamelodi Sundowns emlethe eChloorkop ngo-2021.
Useke wabolekiswa kwiSuperSport United lapho efike wenza khona kahle kakhulu. Lo mdlali oneminyaka engu-26 uzobanga indawo noRiaan Hanamub emuva kwesokunxele.
FUNDA NALA: Elinye iqembu lePSL elingabaholelile abadlali
Uzohlala eThekwini izinyanga eziyisithupha kuphela bese ebuyela eqenjini lakhe iSundowns ekupheleni kwesizini.

