EzakamuvaiNedbank Cup

BUKA: AboSuthu bedlala ‘igalofu lezinyawo’

Abadlali baMaZulu FC bathole isikhathi sokuzizwisa ePolokwane, badlala igalofu lezinyawo ngesikhathi belindele umdlalo wabo neNedbank Cup.

Usuthu luzobhekana neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium emzuliswaneni wesibili walo mqhudelwano. 

Umqeqeshi, uPablo Martin uthe bazowudlala sengathi sebevele bakowamankamu lo mdlalo wangoLwesine ebusuku.

“Sizobhekana nalo mdlalo kube sengathi owamanqamu futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu,” kusho lo mqeqeshi. 

“Sizokwenza okufanayo nesikwenze emdlalweni wethu wokugcina neSuperSport (United, lapho sidlale khona ngokulingana ngo 1-1 emdlalweni weligi).”

“(Sidlala) enkundleni eyodwa ngobunzima obufanayo (izinselelo) nesinye isitha esiqinile, esizoqina kwazise bazobe besekhaya.

“Baphinde babalwa namaqembu amane abemele iNingizimu Afrika emiqhudelwaneni yezwekazi . Ngakho-ke ngalokho, sazi kahle ubunzima esizobhekana nabo. 

“Kuzoba nzima futhi basesimeni esihle njengamanje, kodwa nathi sesibuyela endleleni – sidlala kangcono.

“Kuzoba wumdlalo omuhle impela. Kodwa nginesiqiniseko sokuthi sizowathola amathuba futhi ngethemba ukuthi sizokwazi ukuwasebenzisa sidlulele phambili.”  Usuthu aluzange lusabuyela eThekwini ngemuva komdlalo walo neSuperSport nempelasonto okwenze babe nesikhathi sokuphumula. 

Esinye salesi sikhathi sokuphumula basichithe bedlala igalofu lezinyawo ukubuyisa umuzwa wokuzwana nobunye eqenjini. Buka ividiyo ngezansi: