UMammila ufanise iChippa nele-EPL eshaya iSuperSport kaHunt
Sihle Ngubo
Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammilla, ufuna iqembu lakhe lidlale njengeBrighton & Hove Albion yase-England.
Uveze lokhu ngesikhathi iChilli Boys ishaya iSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Kulo mdlalo iSuperSport iqede ingasaphelele ngemuva kokukhishwa kukaThulani “Tyson” Hlatshwayo ngekhadi elibomvu.
Ukuphuma kwakhe kuyithwalise kanzima iSuperSport njengoba kuvulele iChippa intuba yokujika indlela ebihlasela ngayo.
Yize kuke kwabukeka izogcina ihlulekile uukusebenzisa ukuba nabadlali abevile, kodwa ilitholile igoli ngonyawo luka-Elmo Kambindu.
“Ngibatshelile abafana ukuthi uma sifuna ukuba yiqembu elihlonishwayo kumele sifane neBrighton edlala kwi-EPL,” kusho uMammila ngemuva komdlalo.
“Leliya qembu lithi, ‘uma iManchester United ingafuni ukujaha iManchester City, asibe yiqembu elizohlala ezithendeni zeManchester City.
“Ngakho sizonika iqembu ngalinye esizodlala nalo ubunzima uma liza lapha (eNelson Mandela Bay) noma sidlalela ekuhambeni.
“Sifuna ukuba yiqembu okulikhuni satshe ukubhekana nalo,” kuchaza lo mqeqeshi owafunga ukuthi uzoyiqeda yena isizini kwiChippa.
IChilli Boys bese iwina umdlalo wesibili kulandelana. Ngaphambi kwawongoLwesibili ishaye iRichards Bay FC ngo 2-1.
Seyidlale imidlalo eyisikhombisa, yawina emibili, yadlala ngokulingana kwemithathu, yase ishaywa kwemibili.
Ngecebo alisebenzise eukudida uGavin Hunt kulo mdlalo wangoLwesibili, uMammila uthe bekumele bagade amabhola amade kuqala.
“Into yokuqala bekumele sigade amabhola aqonda ngqo, angifuni ukuthi ngithi amabhola amade…
“Sidlale ngabadlali ababili maphakathi nenkundla esizwini futhi kusisebenzele ngoba besiyinqamula yonke imizamo yabo,” kusho uMammila.
UMammila dlalise uGoodman Mosele noBaraka Majogoro waseTanzania futhi laba badlali bakwazile ukulawula isisu.
FUNDA NALA: Bafa la kufa khona uPetersen abadlali beChiefs
UMajogoro ugcine eqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo kodwa akangazwakala uthini ekupheleni komdlalo kwazise uzikhulumele isiSwahili sangakubo.