EzakamuvaIbhola

U-Akpeyi usanethemba ngeNigeria eshaye udaka

Unozinti weMoroka Swallows FC, uDaniel Akpeyi, uthi kube yinto ephoxayo kakhulu ukungawini kweNigeria emdlalweni wokuqala we-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, ngempelasonto.

U-Akpeyi, oke wavimba kwiKaizer Chiefs neChippa United, ungowokudabuka eNigeria futhi useke walidlalela iqembu lesizwe langakubo.

INigeria ayiyiqalanga kahle i-Afcon ibambana ne-Equitorial Guinea ngo 1-1.  Ilahle inqwaba yamathuba ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

“Kube yindlela ephoxayo yokuqala umqhudelwano,” kusho u-Akpeyi kwiTimeesLive.

“Into enhle ukuthi iqembu lakhe amathuba amaningi futhi unozinti wezimbangi uJesus Owono uvimbe amabhola amaningi.”

Kuzoba nzima kakhulu kwiNigeria njengoba izobhekana ne-Ivory Coast emdlalweni olandelayo ngoLwesihlanu. Nokho u-Akpeyi unalo ithemba.

“Kungenzeka kube khona umehluko nokwenza kangcono eqenjini, emdlalweni olandelayo esizowudlala ne-Ivory Coast.

“Kuzoba omunye umdlalo okuzoba nzima ukubhekana nawo, kodwa ngiyakholelwa kubafana bakithi. 

“Bangabadlali abakhulu futhi bayazi ukuthi yini abayifunayo,” kugcizelela u-Akpeyi.

Uma iNigeria ihluleka ukushaya osokhaya, i-Elephants, kuzosho ukuncipha kwamathuba ayo okudlulela phambili kwi-Afcon ka-2023.

I-Ivory Coast iyivule kahle imidlalo ye-Afcon ngokushaya iGuinea Bassau ngo 2-0 ngoMgqibelo.

Akungabazeki ukuthi kuzoshunqa uthuli uma sekutholene la mazwe ngoLwesihlanu.