EzakamuvaIbhola

Usengu‘Dokotela’ uPitso Mosimane, uzizwa ehloniphekile

Umqeqeshi uPitso Mosimane uzwakalise ukujabula ngesinqumo se-University of Johannesburg sokumnika iziqu zobudokotela kuleli sonto. 

Lokhu kuhlonishwa kuzohambisana nosuku lokuzalwa lukaMosimane oluzayo lapho ezobe ehlanganisa iminyaka engu-60. 

UPitso Mosimane wazalwa ngoJulayi 26 eKagiso ngaseRandfontein, eGoli. 

Kulindeleke ukuthi kube nomcimbi wokumhlonipha ngalezi ziqu ngalolu suku.

Lo mqeqeshi, owaqala engumdlali, njengamanje usebenza njengomqeqeshi wki-Abha FC eSaudi Arabia. 

“Ngibonga i-University of Johannesburg ngokukhetha ukuhlonipha nokugubha umsebenzi wami ngendlela ephusile. 

“Bengihlala njalo ngizibona ngingumfundi walo mdlalo omuhle, futhi ukuthola lokhu kuhlonishwa kuyangithobekisa impela.”

Ebheka emuva emsebenzini wakhe, uPitso Mosimane uphawule ukuthi lokhu kuhlonishwa kungale kwamaphupho akhe. 

”Angikaze ngicabange ukuthi iHonorary Doctorate ngingayithola njengomuntu webhola, ngibonga ubuholi baseNyuvesi yaseGoli ngalokhu kuhlonishwa,” kwengeza uMosimane.

Lo mqeqeshi uphinde wasebenzisa leli thuba ukutusa labo ababambe iqhaza elibalulekile ekumenzeni abe ngumuntu anguyena namuhla.

”Le mpumelelo ibingeke yenzeke ngaphandle kwalabo abafake isandla ohambweni lwami, okuhlanganisa abadlali bami, abaqeqeshi, abaphathi bebhola, abezindaba nabalandeli bami. Ngithobekile,’’ kuphetha yena.