Unukelwa yizembe uLetsholonyane kweleDDC yoSuthu
UReneilwe “Yeye” Letsholonyane, ongumqeqeshi wenkulisa kuMaZulu FC, usehlezi ngesinqe esisodwa kuleli qembu.
Lokhi kungenxa yokuthi leli qembu aliqeqeshayo lidonsa kanzima kwiDStv Diski Challenge la lidlala khona.
Ngempelasonto leli qembu liphinde lalahla amaphuzu ngesikhathi lihlulwa omakhelwane iRoyal AM.
Letsholonyane wathatha izintambo kuNini Vilakazi okumanje uyiphini lomqeqeshi u uPablo Martin eqenjini elikhulu.
Usuthu oluncane oludlala kwiDDC luhlezi kunombolo 15 kwilogi yalesi sigaba.
Izinto azihambi kahle kusukela kwathatha uLethsolonyane izintambo zokucija llei qembu.
Ngokuthola kweMpempe ngemithombo esondelene neqembu, kukhona osekulokhu kusina qede kumjeqeze uLetsholonyane owayegijima kwiBafana Bafana.
Ngaphansi kukaVilakazi Usuthu belwenza kanhle kakhulu njengoba ngo-2021 layinqoba leligi ngesikhathi ibizwa ngeDiski Challenge Rewired.
Lokhu kwakwenzeka ngesikhathi idlalwa ngaphansi kwezimo ezingezinhle kusadlange iCovid.
Ngokusho komthombo osondelene neqembu, sekuqalile ukubhekisiswa isimo saleli qembu okungenzeka abaphathi bafune izinguquko ngokuhamba kwesikhathi.
FUNDA NALA: UWilliams uveza okubalulekile okumele kwenziwe iBafana kwi-Afcon
Uthe kungenzeka ke uLetsholonyane azithlole eseshenxisiwe kulesi sikhundla akuso njengamanje.

