UMofokeng wePirates ubefisa ‘ukuyofuunda’ kwi-Afcon
Umdlali ongomunye wamathalente ekusasa athembisayo we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, ufisa sengathi ubeyingxenye ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Ivory Coast ukuze aqhubeke nokufunda.
Kodwa ke, akakhathazekile kakhulu ngokuthi usalile ngoba vele isikhathi sisamvuna.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 uthole ithuba kumqeqeshi uJose Riveiro futhi usedlale imidlalo engu-20 kwiBucs kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Manje, uma kukhulunywa ngomdlali omncane kunabo bonke kwi-Afcon, nguWilfried Nathan Douala weCameroon eneminyaka engu-17.
Futhi kukhona nabanye abanjengoLamine Camara (20, weSenegal), Karim Konaté (19, we-Ivory Coast), Ernest Nuamah. (20, weGhana), noMichael Amir Richardson Junior (21, weMorocco).
URelebohile Mofokeng ubengomunye wabadlali abaphothule izifundo ezisekwe yiPSL, iPSL/MultiChoice Player Transformation Programme.
Kulapho akhulume khona nabezindaba ngesifiso sakhe sokuthi ngabe uhambe nezikaHugo Broos.
Uthe uyawuhlonipha umsebenzi kaHugo Broos futhi uyabeseka nozakwabo abaqokiwe kwiBafana.
“Bengifuna ukuya kwi-Afcon kodwa izinto lwesinye isikhathi azihambi ngendlela ofisa ngayo,” kusho lo mfanyana weBucs.
“Ngibafisela inhlanhla futhi okwamanje ngiqhubeka nempilo yami.
“Ngethemba ukuthi bazongifonela nami ngokuzayo.”
URelebohile Mofokeng wengeze ngokuthi ukuya kwakhe ukuyohlolwa eqenjini eligijima kwi-English Premier League, iWolverhampton Wanderers ngonyaka odlule kuwuphawu lokuthi kukhona okuhle okwenzekayo ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Kube yisipiliyoni esihle kakhulu futhi awukho umehluko ongako,” kusho uRelebohile Mofokeng.
“Ukuthola ithuba lokuya khona kusho ukuthi izwe lethu alikude kakhulu nezinga lamaqembu e-English Premiership.
“Kufanele senze okwengeziwe ukuze sifike kulelo zinga futhi sizofika lapho.”
URelebohile Mofokeng ungomunye wabadlali ababhekwe ngabomvu selokhu kuqale isizini kanti lokho kuhambisana nengcindezi emaqenjini anabalandlei njengePirates.
“Ingcindezi iyohlale ikhona ebholeni – kufanele wazi ukuthi ubhekana kanjani nayo.
“Bengidlala emalokishini lapho bekunengcindezi futhi sengijwayele, bekungeyona into etheni.
“Ngiyakuthokozela nokwesekwa ngabalandeli futhi abakaze bangifake ingcindezi kusukela ngisafika.”
UMofokeng uthe umdlali abukela kakhulu kuye nguzakwabo uThembinkosi Lorch.
“ENingizimu Afrika umdlali engibukela kuyena nguThembinkosi Lorch ngoba ngidlala endaweni yakhe…
FUNDA NALA: U-Akpeyi usanethemba ngeNigeria eshaye udaka
“Nguyena ohamba phambili kuleso sikhundla kanti phesheya kwezilwandle ngibukela kuKevin de Bruyne.”

