Ukhuza ibuya kwiPSL owachayisa iKaizer Chiefs
Usezama inhlanhla kwiSuperSport United umdlali waseZimbabwe ongomunye wabanamava kwiPremier Soccer League, uKhama Billiat.
Kuvele ukuthi uBilliat useqalile ukujima naleli qembu lasePitoli ngenhloso yokuzibonakalisa kumqeqeshi uGavin Hunt ukuthi usayilona unyazi lomdlali.
Lo mdlali waseZimbabwe ulaxaze iKaizer Chiefs kabuhlungu abedlala kuyo ngesizini edlule.
IChiefs beyizimisele ukumgcina futhi kuqale amalungiselelo okuqala kwesizini eyingxenye yeqembu yize ebengenayo inkontileka ngaleso sikhathi.
Kodwa kunamahlebezi okuthi kwathi uma esebona imali efuna ukumholela yona iChiefs, wadla phansi akangabe esabheka emuva.
Kumanje uBilliat usehlale ingxenye yesizini engenalo iqembu njengoba achithwa kwiZamalek yase-Egypt ayesebheke ukusayina kuyo.
Impempe yakubika ukuthi into eyamxabanisa neZamalek wukuthi wasuke waphinde wathinteka ejimini, yabona ukuthi cishe useyisikorokoro.
Nakhona kuleli abekhona amaqembu abemngaqele njengoba iCape Town City yakubeka kwacaca ngesikhulu sayo uJohn Comitis ukuthi iyamdinga.
Yaze yathumela iphini lomqeqeshi, uLebogang Manyama ukuthi ayomshela kodwa kuyacaca akathandanga ukuya kuyo.
FUNDA NALA: OweNamibia unovalo ngeBafana Bafana ‘ephefumula ngenxeba’
Uma egcina esayiniwe kwiSuperSport uzobe engaqali ukusebenza noGavin Hunt njengoba bebendawonye kwiChiefs kumasizini ambalwa edlule.

