‘Bayalulekwa’ abe-Arrows kulandela ukubhubha yinduku
ALFRED NGUBANE
Abadlali beGolden Arrows bahamba izigcawu zokululekwa ngokomqondo, okuwumqondo ofike noSteve Komphela, ngokuthole kweMpempe.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi Abafana Bes’thende bephenduke imvu yomhlatshelo emaqenjini eDStv Premiership.
Kuvela ukuthi uSteve Khompela unxuse usihlalo weqembu uMato Madlala ukuthi amatholele ngokushesha umuntu ongumluleki wengqondo.
“Nebala uphuthumile wamlanda njengoba labadlali bahamba izigcawu zokululekwa ngokomqondo nje kumanje,” kusho umthombo.
Leli qembu liphinde lenza izinguquko eziningi endleleni elijima ngayo njengoba kukhona izimpahla ezithengiwe ngesikhathi kufika uKomphela.
Lo mqeqeshi ulandwe ukuzosiza leli qembu lingazitholi seligaxele odakeni lwezembe njengoba imidlalo seyiya ngokushoda nje.
Ekufikeni kwakhe uKomphela ukwazile ukunqoba umdlalo, eqeda ishobolo lemidlalo engu-12 i-Arrows idliwa yinduku.
Yize awunqoba lo mdlalo, behlula iPolokwane City ngo 1-0, uKomphela kuthiwa ubone kunenkinga edinga ochwepheshe bezengqondo.
“Bese iminingi imidlalo bebhubha yinduku okuyinto athe uma ehlaziya isimo uKomphela wathola ukuthi sekunenkinga engaphezulu kokudlala ibhola nje.
“Ububona nangendlela abthethisana ngayo abadlali uma kukhona owenze iphutha ukuthi kunenkinga impela,” kwengeza umthombo.
Umphumela walokhu kusizwa kwabadlali ngokwelulekwa kwezengqondo uzobonakala emidlalweni elandelayo.
Abafana Bes’thende babuyela enkundleni ngoMgqibelo la bezobhekana khona neRichards Bay.
Lo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal uzoba seMpumalanga Stadium, eHammarsdale kanti kulindeleke ushube.
FUNDA NALA: Umqeqeshi wakuleli uyozakhela igama eGhana
Phela iRichards Bay isesimweni esibi kakhulu njengoba isendaweni yezembe nje futhi kumele iqale ukuqoqa amaphuzu uma kuwukuthi izophunyuka.

