EzakamuvaiDStv PremiershipiGladAfrica Championship

USiphelele Ntshangase ‘ubengabingeleli’ kwiBlack Leopards

Into edalele uSiphelele Ntshangase amazinyo abushelelezi kubaphathi nabaqeqeshi kwiBlack Leopards wukuziphakamisa nokuzazisa. 

Lo mdlali wasoPhongolo, KwaZulu-Natal uxoshiwe kuleli qembu laseLimpopo elithwele uthayela emoyeni kwiMotsepe Foundation Championship. 

Bekungakapheli nesikhathi esitheni ebuyisiwe kuleli qembu uSiphelele Ntshangase obesephenduke umantuntanendishi. 

Ubengenaqembu kulandela ukuxoshwa kwiKaizer Chiefs ngenxa yokuhluleka ukuziphatha nokweqisa ophuzweni oludakayo. 

Abaphathi beLeopards kuthiwa bamxolela ngemuva kokuncengelwa, base bembuyisa njengoba esefika ebaphoxa nje. 

“Wayebadayisile ngesikhathi eya kwiChiefs ngoba wayazi ukuthi babengakufuni lokho,” kusho umthombo okuleli qembu laseVenda. 

“Uzokhumbula ukuthi iChiefs yazama ukumthenga kwiLeopards, kodwa yenqaba naye. 

“Wabe esecela ukudedelwa, ethi ufunwa yiBaroka kodwa wafika wahlala izinyanga eziyisithupha kuyo engafuni nokudlala. 

“Sezwa ukuthi wayengafuni ukudlala kwiBaroka ngoba ethi akafuni ukulimala ngaphambi kokuthi afike eNaturena.

“Lokho bakuzwa abaphathi kodwa bamxolelile njengoba esefika esedelela nje, ezibona engcono kunabanye abadlali. 

“Ubengabingeleli muntu ngaphandle kwabake badlala emaqenjini amakhulu. 

“Ubefike abingelele umuntu oyedwa kubadlali mhlawumbe abayisithupha behleli ndawonye,” kuchaza lo mthombo.

Uthi lesi senzo sikaSiphelele Ntshangase simcasule kakhulu o-Owen Da Gama obelandelwe ukuzotakula leli qembu. 

FUNDA NALA: Isimo seMoses Mabhida Stadium sizoshwebisa abalandeli imidlalo emikhulu

“UDa Gama wakhala ngokuthi yena uzama ukwakha iqembu ngokuthi abadlali bazwane ukuze balwele iqembu, kodwa yena uyalihlakaza. 

“Yingakho kuphethe ngokuthi avele adedelwe yize isipiliyoni sakhe besiwenza umehluko.”