ISafa isicuphise ngoMorena Ramoreboli kwelesizwe
SBONGS GUMBI
Sizovalwa ngoMorena Ramoreboli isikhundla esasala singenamuntu kulandela ukusula isigubhukane kukaDavid Notoane ngoMashi nyakenye.
UNotoane washiya isikhundla sokuba ngumqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23 ngemuva kokuhluleka kwalo ukungena kuma-Olympics.
Kwakuvele ke kunemibuzo ngokuthi kungani iSafa ingaqashi umqeqeshi ozosebenza ngokugcwele kulo msebenzi.
Nokho ngokubika kweSunday World, le nhlangano eyengamele ibhola kuleli isizosilungisa leso simo.
Kubikwa ukuthi izoqasha uMorena Ramoreboli kweseqembu lika-Under 23, noDavid Nyathi kweseleqembu lika-Under 17.
URaymond Mdaka, oke waqeqesha iBaroka FC neMarumo Gallants kwiPSL, yena uzonikwa owokucija elika-Under 20.
UMorena Ramoreboli uqeqesha iJwaneng Galaxy yaseBotswana njengamanje kanti ibisanda kumululela inkontileka ngonyaka.
Nguye obehleli ebhentshini ngesikhathi leli qembu liwashisa i-Orlando Pirates ijezi emizuliswaneni yokuqala kwiCaf Champions League.
Lo mqeqeshi obonakala enekusasa elihle useke wabamba nakwiBafana Bafana ngesikhathi idlala kwiCosafa Cup kwaze kwaba kabili – ngo-2022 nango-2023.
UDavid Nyathi ungomunye wezihlabani ezaziseqenjini leBafana Bafana ngesikhathi linqoba iCaf Africa Cup of Nations ngo-1996.
Ngokusho kwephini likamengameli kwiSafa, uLinda Zwane, le nhlangano ihlela ukuthi laba baqeqeshi baqashwe ngokugcwele.
“Isigungu esiphezulu seSafa sicubungule kahle indaba yabaqeqeshi abahlukene bamaqembu ehlukene esizwe…
“UMorena Ramoreboli uhlonzwe njengofanele eliika-Under 23, uRaymond Mdaka wahlonzwa kwele-Under 20 kwase kuthi uDadiv Nyathi yena wabonakala efanelwe ele-Under 17.
“Lokhu kuyinto ekhombisayo ukuthi sesigxile kakhulu ebholeni kunayo yonke enye into,” ucashunwe esho kanje uZwane.
“Sibheke ukuthi laba baqeqeshi baqashwe ngokugcwele kunokuthi babambe uma bedingeka njengoba bekwenzeka phambilini.
FUNDA NALA: Kugqame uJasond Gonzalez iChiefs ifaka isifundo kwiVenda FC
“Sifuna iqembu lethu le-Olympics lihlezi lidlala, yingakho sihlonze uRamoreboli ukuba azoliqeqesha.”

