EzakamuvaIbhola

Kukhona ozolahla kwiGhana ne-Egypt, avalelise kwi-Afcon

Njengoba sekusongwa imidlalo yamaphuzu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, kuzoba nokukhala nokugedla kwamazinyo kwamanye amazwe abethwelwe ngeqoma.

Iqoqo elibukeka lizoshiya abantu bedlidliza esikaNandi, uGroup B. Kuleli qoqo kuboshelwe iCape Verde, i-Egypt, iGhana neMozambique.

Ziya emidlalweni yokugcina nje iCape Verde isivele izibekisele indawo kwiLast 16 njengoba seyiwine imidlalo emibili, nokuyenza ibe namaphuzu ayisithupha.

Kulawa amanye amazwe amathathu kubanjwa kuyekwa. I-Egypt isendaweni yesibili kwilogi ngemuva kokudlala imidlalo emibili ngokulingana. Inamaphuzu amabili.

IGhana neMozambique banephuzu elilodwa iqembu ngalinye. Bashaywe emdlalweni owodwa badlala ngokulingana kowodwa, ngokwehlukana.

Kuleli qoqo wonke amaqembu amathathu anethuba lokujoyina iCape Verde, bese adlulele esigabeni esilandelayo kwi-Afcon.

I-Egypt kuzomele ishaye iCape Verde ukuze izibeke ethimbeni lokuhlala e-Ivory Coast. Ngakolunye uhlangothi iGhana kuzodingeka ishaye iMozambique bese ithembe ukuthi i-Egypt ayiwini kwiCape Verde.

Kunethuba lokuthi i-Egypt neGhana bazithole bephuma kwi-Afcon uma imiphumela ingabavumi. Nokho abanye abayiniki lutho iMozambique ezohlangana neGhana.

Kukho konke lokhu kuyacaca ukuthi kukhona ozolahla, bese aqoqe imithwalo yakhe abuyele ekhaya. Konke kuzohlaluka uma seyiqala le midlalo ngo-10 kusihlwa. Izodlala ngesikhathi esisodwa.