Afcon 2023Ezakamuva

Okwenze uHugo Broos ashiye uXulu aqale ngoKekana

Ngokusho komqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, mncane kakhulu umehluko phakathi kwabadlali bakhe basemuva oSiyanda Xulu noGrant Kekana. 

UHugo Broos ubonakale elalela imibono yabalandeli ngesikhathi eshiya ngaphandle uXulu, eqala ngoKekana iBafana ibhekene neNamibia ngeSonto ebusuku. 

Lokhu kungenxa yokuthi kwakhalwa kakhulu ngoXulu ngemuva komdlalo wokuqala njengoba womabili amagoli iBafana eyahlulwa ngayo yiMali aqhuma ngakuye. 

Kodwa uma esebuzwa ngalesi sinqumo sakhe sokufaka uKekana emdlalweni wabo wesibili kwi-Africa Cup of Nation e-Ivory Coast, uHugo Broos uveze okunye. 

“Awukho umehluko otheni phakathi kukaGrant noSiyanda,” kusho uBroos ngemuva komdlalo la iBafana ibhubhise khona iNamibia ngo 4-0. 

“Umehluko okhona wukuthi uGrant uyashesha kancane. Besidinga umdlali osheshayo ukuqapha u(Peter) Shalulile nozakwabo abasheshayo.

“UGrant uyashesha, yingakho ke sithe ukushintsha izinto (emuva),” kucacisa lo mqeqeshi odabuka eBelgium. 

Ukucacisile ke ukuthi ukusala kukaXulu ngaphandle bekungahlangene nokuthi wadlala kanjani emdlalweni wokuqala. 

Empeleni nje, uBroos yena ngokwakhe weneliseka ngendlela uXulu – olizwa ngendaba ijezi kwiSuperSport – adlala ngayo.  

“USiyanda akazange adlale kabi (sibhekene neMali), kodwa bekuwushintsho ngokwamacebo okudlala. Futhi uGrant udlale kahle kakhulu namuhla.” 

Olunye uguquko olwenzekile eqenjini eliqale umdlalo kube wukusala kukaThapelo Maseko, kudlale uThapelo Morena endaweni yakhe.

UHugo Broos uthe lokhu bekungenxa yokuthi bebefuna umuntu oshoshelayo ayolinda ibhola phambili hhayi ofuna ukuhlasela ngoba selisonyaweni kuye.

“NgoThapelo Morena besidinga indlela ehlukile yokudlala. Uyashesha kakhulu futhi simtsheliile ukuthi angalindi ukuba nebhola onyaweni ngaphambi kokuhlasela. 

“Besifuna aye ngale kwesitobha sabo alicele khona. Igoli lesibili lingene kanjalo.

“UThapelo ushoshele phambili, wathola ibhola, waligoba elibuyisela kuzakwabo, kwaqhuma igoli. UZwane uvuselele iThemba kwiBafana Bafana

“Ushintsho esilwenzile bekungolwamacebo okudlala. Futhi njengoba sinqobe ngo 4-0 nje, kusebenzile.”