EzakamuvaIbhola

Bayathimula ngePirates edlalisa uLorch omelwe ‘ukuyobhantinta’

SIHLE NGUBO

Kusolwa i-Orlando Pirates ngokudlalisa umdlali olahlwe yicacala  elibi lokushaya intombazane, uThembinkosi Lorch.

ULorch ubonakale okokuqala ngemuva kwesikhathi eside ngesikhathi iPirates ibhekene neCape Town Spurs emdlalweni weBlack Label Knockout. 

Uphinde waba khona iPirates idlala naMaZulu FC emdllaweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku. 

Lo mdlali ubehamba icala lokushaya owesifazane owayeyintombi yakhe kanti ligcine limgojelile.

ULorch uke wavela enkantolo ngesonto elidlule ukuze agwetshwe kodwa icala lahlehluselwa uNovemba. 

Nokho kuvela ukuthi angase akhokhishwe imali njengenhlawulo yakhe, ngeke ayobhadla ejele.

Inhlangano elwisana nodlame nokucwasa ngokobulili, iSonke Gender Justice seyiphumele obala, yasola leli qembu ngokudlalisa uLorch.

“Kuyasimangaza ukuthi i-Orlando Pirates, ezibophezele phambilini ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazana kaningana, ikubone kungenankinga ukubophela umdlali otholwe enecala lokushaya owesifazane. 

“Lokhu kushiya imibuzo ngokuzimisela kwabo ukulwa nalesi sihlava,” kusho uBafana Khumalo ongumqondisi weSonke Gender Justice kwiTimesLive.

Kuzokhumbuleka ukuthi iPirates, ngokubambisana neCarling Black Label, bebenomkhankaso wokulwisana nalesi sihlava esibi sokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli. 

IPirates izobhekana nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu kusihlwa e-Orlando Stadium. 

FUNDA NALA: UNguse we-Arrows ufuna ukuba ‘yinkosi yabagadli’ kuleli

Akwaziwa noma izoqhubeka yini nokudlalisa uLorch njengoba sekukhona ukukhononda nje.