Umengameli weSafa uzovela enkantolo
Umengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordan, uzovela kafushane enkantolo ngecala elithinta imali yeSafa, ngoLwesithathu.
AbakwiSafa kuvela ukuthi bazame ngakho konke okusemandleni ukukunyathela lokhu kodwa kunzima ngoba uJordan uyaphoqeka ukuthi ayovela enkantolo ngoLwesithathu.
Ukuvela kwakhe enkantolo kuzowaveza obala amacala abekwe wona nokuchaza ukuthi ukufihla isimo abhekene naso kuzobe sekunzima.
Lokhu kuchaza ukuthi umengameli wenhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika uhudulela phansi isithunzi senhlangano ngokugqigqa enkantolo ngamacala okukhwabanisa.
Ngokujwayelekile, yize kuyaye kuthiwe umuntu umsulwa kuze kube utholakala enecala, ophethe isikhundla esikhulu kangaka kuyaye kumele amiswe noma azehlele yena esikhundleni, enzele inhlangano, abhekane kahle namacala abekwe wona.
Nokho kuzoba nzima ukuthi iNational Executive Council (NEC) yeSafa ithi akame ekuholeni inhlangano uJordan ngoba lokho kuhambisana nokuthi kuxoshwe abanye babo.
Yinto engafihliwe ukuthi abaphikisana noJordan kwiSafa bakhonjwa abeza ngayo, futhi bayehluleka ukulwela ukuthi baxoshwe ngokungemthetho noma bangazama kanjani.

