Afcon 2023Ezakamuva

Kobe ijikelwe nayizinyanya iGhana indlela okubhimba ngayo

Izinyanya zaseGhana zibukeka zilifulathele iqembu lesizwe lebhola, iBlack Stars.

Leli qembu eliholwa ngukaputeni, u-Andre Ayew, lifike labhacaza umhlolo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, eqhubekayo e-Ivory Coast.

IBlack Stars ivule imidlalo ye-Afcon ngokushaywa yiCape Verde ngo 2-1. Lokhu kwenza kwanzima kakhulu kwiGhana.

Emdlalweni olandelayo bekumele iwine nakanjani kodwa yadlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Egypt. 

Beyisenalo ithuba lokudlulela phambili uma iwina umdlalo wokugcina.

NgoMsombuluko iBlack Stars ibihamba phambili ngo 2-0 sekusesikhathini esengezwe unompempe. 

Lokhu bekuyenza ihlale endaweni yesibili kwilogi kaGroup B.

IMozambique ithole iphenathi ngomzuzu ka-90+1 kwaba ngu 2-1. 

Kuthe sekubhekwe ukuthi iyadlula iGhana yadedela igoli ngomzuzu ka-90+4 kwaba ngu 2-2.

Leli goli libe yisimanga ngoba bekukade kunebhola elikhahleliwe futhi liziphumela eceleni.

Kodwa unozinti weGhana, uRichard Ofori wavele walilandela walithinta kwase kuba yikhona.

Kulapho ke iMozambique ibe seyithola ithuba, nebula yalisebenzisa kwaba wukubhimba kohlelo kwiGhana. 

Lokhu kuyenze yaqeda imidlalo yamaphuzu isendaweni yesithathu ngamaphuzu amabili kuphela.

Ibe seyiweza ngelibanzi i-Egypt edlale ngokulingana yonke imidlalo emithathu kodwa yapulukutshela kwiLast 16 ngamaphuzu amathathu.

Likhona ithuba lokuthi amaqembu aqede endaweni yesithathu adlulele phambili. 

Nokho okweGhana akuthembisi nakancane ngoba inamaphuzu amabili kanti seyidedele amagoli ayisithupha. 

Sekungaba wumlingo ohambisana nenhlanhla engakaze ibonakale phambilini ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.

Elinye izwe elizobamba umoya, libheke imiphumela kula mahora ezayo, osokhaya i-Ivory Coast. 

Leli lizwe lithelwe ngehlazo like 4-0 yi-Equitorial Guinea emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

Ukudelela amagoli amaningi kangaka kosokhaya kubafake kwenkulu inkinga. 

Akhona vele amaqembu anamaphuzu amathathu, njengayo i-Ivory Coast, asazodlala imidlalo yawo. 

Elinye lawo yiBafana Bafana emi kangcono ngokwemuhluko wamagoli kulandela ukushaya iNamibia ngo 4-0 ngeSonto. 

IBafana ingadlulela phambili noma ingadlala ngokulingana neTunisia ngoLwesithathu.