Izembe lingase ligadle komunye umqeqeshi welePSL
SIHLE NGUBO
Kungase kuxoshwe omunye umqeqeshi weqembu lePremier Soccer League (PSL) ingakasongwa isizini yeBetway Premiership ka-2024/2025.
Le sizini esibheke emaphethelweni, ayibanga yinhle kubaqeqeshi abaningi abazithole bekhonjwa indlela amaqembu abebewacija.
Kubaqeqeshi asebelahlekelwe umsebenzi kule sizini, kukhona uDan Malesela (Marumo Gallants), uLehlohonolo Seema (Sekhukhune United) no-Eric Tinkler (Cape Town City).
UPablo Martin obecija AmaZulu FC uyena ovule indlela ekuqaleni kwesizini. Abanye asebexoshiwe uMuhsin Ertugral (Cape Town City), uBrandon Truter (Richards Bay FC), uManqoba Mngqithi (Mamelodi Sundowns), uGavin Hunt (SuperSport United) noClinton Larsen (Magesi FC)
Impempe ihoshe ukuthi umqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe, naye uhlezi ngesinqe esisodwa kuleli qembu.
Kuvela ukuthi uMohafe uke waba nomhlangano neqembu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kubhekwa ukuthi usenze kanjani kulesi sikhathi ebambe izintambo.
“Umhlangano uhambe kahle kakhulu kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakhe usengozini,” kusho umthombo.
Kuthiwa iRise and Shine isivele iqalile ukufuna umqeqeshi ozovala isikhala sikaMohafe ngasese.
IPolokwane iyiqale kahle kakhulu isizini futhi ibilokhu ibalwa namaqembu amane aphezulu.
Ibe yiqembu lokuqala ukushaya ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, kule sizini. Iphinde yashaya neKaizer Chiefs phakathi kwamanye amaqembu.
Njengamanje iRise and Shine isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-22.