YIMPELASONTO ENKULU: I-PSL izihlonipha iqhawe uShenge
Sihle Ngubo
Kulabo abahlale bekhuluma ‘ngempelasonto enkulu’ ngezizathu zabo ezehlukene, lenake okuyiwa kuyona yinkulu kakhulu eNingizimu Afrika yonke.
Kule mpelasonto kuzobe kuthunwa elinye lamaqhawe omzabalazo kuleli, Inkosi uMangosuthi Buthelezi.
UShenge ungumsunguli we-Inkatha Freedom Party (IFP) kanti ukhothame ngoMgqibelo odlule.
IPremier Soccer League (PSL) ayisalanga nayo ekuhlonipheni uMntwana wakwaPhindangene, nokukhalisana nomndeni ngokudlula kwakhe emhlabeni.
“Umuntu omkhulu uwile! I-Premier Soccer League izwakalisa ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kweNkosi uMangosuthu Buthelezi,” kusho isitatimende esithunyelwe yiPSL.
“Inkosi Buthelezi izenzele igama ngendlela ehloniphekile. Kuzoba khona imizuzwana yokuthula kuhlonishwe Inkosi ngaphambi kwemidlalo yeDStv Premiership, eyeMotsepe Foundation Championship neyeDStv Diski Challenge.
“I-PSL idlulisa ukuzwelana nomndeni wakwaButhelezi nesizwe sonke samaZulu. Ulale ngoxolo.”
Kule mpelasonto kubuya imidlalo yeDStv Premiership ebisamile ngenxa yekhefu leFifa.
Umdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kweKaizer Chiefs neRoyal AM, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama eFNB Stadium.
IMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates bazobe bedlala imidlalo yeCaf Champions League kule mpelasonto.
La maqembu azobuyela kweyeligi ngokutholana phezulu womabili ngoLwesithathu oluzayo.
FUNDA NALA: Uzobanjwa uKhenyeza noBilankulu umsebenzi kwi-Arrows
Ulale ngokuthula Shenge, iyona impelasongo enkulu kunazo zonke lena eNingizimu Afrika kulo nyaka.