Iphindwe inhlanhla iBucs, iMilford izowukhomba onotshwala
I-Orlando Pirates iphinde yabhekwa yidlozi iqhathwa neqembu elisesigabeni esiphansi emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup.
Lezi zinkunzi zaseSoweto ziqhathwe neHungry Lions yaseNorthern Cape edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Nokho ke amaqembu adlala ezigabeni eziphansi ehlezi eyingozi futhi neBucs kuyomele ingalenzi iphutha lokuyeya iLions.
IPirates iwuqale kahle umkhankaso wokuvikela le ndebe ishaya iCrystal Lake FC edlala ezigabeni zeSafa eMpumalanga ngo 6-0.
Kodwa iqembu ebelibhekwe kakhulu ukuthi lizoqhathwa naliphi, iMilford FC, liqhathwe nompetha beCarling Cup, iStellenbosch FC.
IMilford iyona ekhishwe kuqala ebhodweni ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala emzuliswaneni wesibili ngoMsombuluko ebusuku.
Kuphakame amaphaphu kubalandeli bamanye amaqembu kwazise leli qembu lisanda kugila izimanga futhi cishe ababaningi abalifisayo.
Yilo leli qembu laseRichards Bay elibhulise izingwele zakuleli iKaizer Chiefs amazolo kwiNedbank Cup.
Leli qembu, elicijwa uDkt Phuphuma Xhanti, linqobe sekushaywa amaphenathi eFNB Stadium ngeSonto ebusuku.
Nokho ukuqhathwa neStellies, okuyiqembu eligabe ngabafana abancane abasazimisele ngokuzakhela igama kuzokwenza ithwale kanzima iMilford.
Nokuthi seyiyaziwa ukuthi iyingozi kuzokwenza iStellies ifike kuyo iwavule womane amahle, yazi ukuthi uma ingabhayiza ingazithola isiyihlaya nayo.
Izinkundla nezinsuku zale midlalo zizomenyezelwa yiPSL uma seyiqinisekise namaqembu ngokuhamba kwesikhathi.
FUNDA NALA:Â Sekuvele nelase-Europe kwafuna uMogaila
Isiyonke imidlalo yesigaba samaqembu angu-16 asele kulo mqhudelwano ihambe kanje:
- Milford FC v Stellenbosch FC;Â
- Mamelodi Sundowns v Maritzburg United;Â
- Sekhukhune United v AmaZulu FC;Â
- Chippa United v FC Ravens;Â
- Orlando Pirates v Hungry Lions;Â
- University of Pretoria v Moroka Swallows;Â
- Richards Bay FC v SuperSport United;
- D’General v TS Galaxy

