EzakamuvaIbhola

IChiefs isimtholile owakhuliswa yiSundonws ebimhalela

Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs seyivumelene ne-Upington City, egijima kwiMotsepe Foundation Championship, ngoKeletso Makgalwa.

UMakgalwa ungumgadli kanti uke waba semabhukwini eMamelodi Sundowns isikhathi eside.

Ungomunye wabadlali abaphuma kwinkulisa yaleli qembu lasePitori elivamise ukuthenga abadlali ababizayo. 

Nokho kuleli qembu laseChloorkop akasitholanga kahle isikhathi sokudlala ngoba ubelokhu ebolekiswa.

Uke wabolekiswa kwiMaritzburg United neMoroka Swallows, nokuyilapho esithole khona isikhathi sokuzibonakalisa ikhono lakhe.

Lo mgadli, oneminyaka engu-27, kuvunyelwene ngokuthi ajoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025, hhayi kuleli windi lokushintshana ngabadlali.

I-Premier Soccer League (PSL) isanda kukhipha isitatimende (ngoLwesithathu) lapho ibikhumbuza amaqembu ngokuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali.

Ngokujwayelekile iwindi livalwa ekupheleni kukaJanuwari kodwa kulokhu lizovalwa ngoJanuwari 26 (ngoLwesihlanu).

Emaqenjini ePSL, AmaZulu FC yiwona abe matasa ngesikhathi sokuvulwa kwewindi.

Kunabadlali abahlukane noSuthu kwathi abanye basayina kulona.

Kwabahambile kukhona uTercoius Malepe noSiphesihle Maduna. 

Kwabafikile singabala uSifiso Ngobeni, obolekwe kwiSundowns, no-Augustine Mulenga, osebuya isibili kuSuthu. 

Kwamanye amaqembu akukho okutheni okuzwakele. Mhlawumbe aseyomangaza abalandeli esememezela ngokwawo.