EzakamuvaIbhola

Kukhonjwa osondelene noMaMkhize ngezinkinga zeRoyal AM

Esinye sezikhulu ze-Royal AM, esisondelene kakhulu nomengameli weqembu, uShauwn “MaMkhize” Mkhize yiso esifaka iqembu ezinkingeni. 

Lokhu kuvezwe ngomunye wabasebenzi baleli qembu ocele ukuba Impempe ingamdaluli ngoba lokho kungase kumdalele amazinyo abushelelezi.

“Inamandla leya ndoda, uma ningangiveza ingaqeda ngami. Kodwa khona ngifuna ukulikhipha leli qiniso,” kusho lo mthombo. 

Ube eseluchaza udaba lwakhe ethi lesi sikhulu siyazifanela nje nempumputhe uma kukhulunywa ngemithetho yebhola.

“Kodwa inkinga wukuthi uMaMkhize uyakholelwa kuye futhi akushoyo kuvele kufane nezwi leNkosi,” kuqhuba lo mthombo.

“Kudala aqala ukuhlwathiza lo muntu. Nguye ofaka iqembu ehlathini ngodaba lokukhokhela abadlali…

“Kusukela koDomenic ISaacs noPhilani Zikalala njengoba eqhubekile nakuSamir Norkovic noRicardo Nascimento nje.”

Impempe iligodle ngabomvu igama lalelisi sikhulu. I-Royal AM kumanje inomthwalo wokukhokhela uNurkovic u-R12 million.

Uma iqhubeka nokungakwenzi lokhu, sizoqhubeka isigwebo esiyihlezi entanyeni sokuthi ingabasayini abadlali. 

UNascimento yena kuthiwa ukweletwa u-R6000 0000, kanti naye ugijimele kwiFifa ebe seyengeza esinye isigwebo sokungasayini abadlali kwiRoyal AM.

Nokho i-Royal AM isichithile lesi, yathi kube yiphutha elenzeke ngakwiFifa futhi sizohoxiswa maduze nje. 

“Kuyangixaka ukuthi u(egagula igama) ngoba ungummeli, kungani emdukisa kanjena ngoba phela ngabe nguyena ombonisa indlela. 

“Kodwa manje uyanhlanhlatha nje futhi usehlathini elimnyama njengoba ubona ukuthi iFifa igadla iphindelela manje. 

“Nenunyana yabadlali ifika iphindelela eqenjini. Ngibona ukuthi leli qembu lizohlala lihaqwe yizikweletu zabadlali uma kuqhubeka kanje. 

“Namanje ngeke sithuke uma kuphinde kuvela esinye isigameko esikhulu esizoshaqisa.” 

Lo mthombo ukhale ngokuthi iRoyal AM iqale ithandwa ngabalandeli futhi bethembisa ukuthi bazoyeseka. 

Kodwa manje ngenxa yalezi ziyaluyalu ezihlezi zivela ngeqembu ezenza kubonakle sengathi alukho uzinzo, sebeyahlehla.