Kekana: Ukudlala nebeDowns emuva kwenza umsebenzi ube lula
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva kwiBafana Bafana, uGrant Kekana ubona beyimbumba kakhulu uma bedlala bebane njengabadlali beMamelodi Sundowns emuva.
UGrant Kekana uvale isikhala sikaSiyanda Xulu kwiBafana Bafana ngesikhathi ibhaxabula iBrave Warriors yaseNamibia ngo 4-0 emdlalweni wesibili weCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ngeSonto.
Ubedlala kahle no-Aubrey Modiba, uMothobi Mvala, noKhuliso Mudau emuva kwiBafana Bafana – bobane badlala kwiSundowns.
Lo mdlali uthe umsebenzi wabo uba lula kakhulu uma bedlala ndawonye kwiBafana.
“Kuhlale kulula (kimina) uma abadlali basemuva kunguModiba, uMvala noMudau,” kusho uGrant Kekana.
“Bangabadlali esidlala nabo eqenjini, futhi uma sidlalela izwe lethu kuyazenzekela nje kalula.
“Kuba lula ngoba siyazana. Sizicija ndawonye cisho nsuku zonke.”
Ukwazana kwalaba badlali kuzomele kusize iBafana Bafana uma isibhekene neTunisia emdlalweni wokugcina wamaqoqo kuGroup E, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
IBafana akumele ishaywe kulo mdlalo ukuze idlulele esigabeni esilandelayo se-Afcon.
Nokho umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakale engenakho ukwesaba ngalo mdlalo.
“Kube umdlalo omuhle (neNamibia ngeSonto) futhi siwine kahle kakhulu,” kusho uBroos.
“Umehluko wamagoli ubaluleke kakhulu futhi sijabule kakhulu ngomphumela.
“Siyazi ukuthi yini okumele siyenze (koweTunisia), iqembu lazi kahle ukuthi kumele lenzeni.
“Ushintsho esilenze ngeSonto belufanele futhi ludingeka. Sizokwenza okufanayo uma sesibhekene neTunisia.
“Bonke abantu esisuke sizobhekana nabo siyabafunda bese senze kangcono icebo lethu.”
FUNDA NALA:Â Ubufakazi bukhomba uKelly ekuhleleni ukufa kukaSenzo
Komunye umdlalo kaGroup E, oyithinta kakhulu iBafana Bafana, kuzobhekana iMali neNamibia ngesikhathi esifanayo.

