Afcon 2023Ezakamuva

Ace Ncobo: I-Afcon ingigwinyise amazwi ami nge-VAR

Isikhulu sePSL esasingunompempe, u-Ace Ncobo ‘ukujabulele’ ukugwinya amagama akhe ngemibono yakhe ngohlelo lokusiza onompempe i-VAR.

Le nkakha yezokushaywa kwempempe ivumile ukuthi yayilungabaza lolu hlelo lusanda kuqala, ilusola ngokuthi luzohlukanisa ibhola.

“Ngesikhathi i-Fifa yethula okokuqala i-VAR ngaphumela obala ngiphikisana nayo,” kusho u-Ace Ncobo.

“Nganginezizathu ezintathu: Okokuqala, angisoze ngasekela noma yibuphi ubuchwepheshe obungeke busebenze emhlabeni wonke jikelel lapho kudlalwa khona ibhola. 

“Ngangibona i-VAR ihlukanisa ibhola ngokuthi kube khona “ibhola labacebile – elinobuchwepheshe, nebhola labampofu elingenabo ubuchwepheshe.

“Okwesibili, ukuma komdlalo ukuze kuyobuyekezwa ividiyo kuzoqeda ukushisa lomdlalo okuyinto eyenza umdlalo uthokozeleke. 

“Okwesithathu, asikho isiqinisekiso sokuthi i-VAR izonikeza unompempe into eyiyo ngaso sonke isikhathi.” 

Uthe okwenzeka emidlalweni yamaligi la lolu hlelo selusebenza khona kwavumelana nemibono yakhe.

“Ngafakazeleka, ikakhulukazi kulokhu kwesithathu ngesikhathi i-EPL – ethathwa njengeligi ehamba phambili emhlabeni – ikhombisa okubi kakhulu okungadalwa yi-VAR.”

Pho yini le menze awagwinye amazwi akhe u-Ace Ncobo? Uthi yi-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast.

“Kube sekufika i-Afcon! Onompempe bethu base-Afrika kuze kube manje sebefundise umhlaba wonke ukuthi isebenza kanjani le-VAR yakhona.

“Futhi okubaluleke kakhulu, indlela yokuthuthukisa ukushaya khona kwezinqumo zasenkundleni,” kuchaza u-Ace Ncobo.

“Njengonompempe obephikisana kakhulu nale nto, ngijabule kakhulu ngokuthi ama-Afrika ethu angenza ngigwinye amazwi ami.” 

Ngale kokuncika kakhulu kwi-VAR, onompempe be-Afcon basabonakale bewenza ngobuchule umsebenzi wabo.

I-VAR isasetshenziswe ukuqinisekisa okuthile emidlalweni embalwa kakhulu selokhu iqalile le midlalo.