Iyamjabulisa inselelo yokuyovika izembe uPitso
UPitso “Jingles” Mosimane nethimba lakhe labaqeqeshi, basendleleni ebheke eSaudi Arabia, lapho beyoqala khona umsebenzi omusha.
Lokhu kuqinisekiswe yiMT Sports, ephethe izindaba zalo mqeqeshi osezakhele igama emhlabeni.
UJingles nethimba lakhe bayotakula i-Abha Club, lapho lo mqeqeshi ezoba yinhloko yabaqeqeshi.
Leli qembu eligijima kwiSaudi Pro League, lizoholwa uPitso Mosimane nethimba lakhe okubalwa kulona uKabelo Rangoaga, uMusi Matlaba, uKyle Solomon noHamad Alyami, ocija onozinti.
I-Abha Club ibhekene nenkinga yezembe njengoba iyibambe endaweni ka-17 kwilogi yeRoshn League.
“Ngiyajabula ukubuyela eSaudi Arabia ngiyobhekana nenselelo ejabulisa kangaka,” kusho uMosimane.
“I-Abha Club inyuke ngokushesha ukufinyelela kwiSaudi Pro League, uma ubheka ukuthi beyidlala esigabeni sesithathu kumasizini amane edlule.
“Njengoba iqembu libhekene nobunzima, ngizizwa ngihloniphekile ukuthi ibhodi yethembe mina ngokunginika umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi iqembu aliphumi kwiPro League.”
Sekusele imidlalo engu-15 kugoqwe isizini, kanti uPitso Mosimane uzohola iqembu okokuqala ngoFebhuwari 15.
Lapho kuzobe sekubuye abadlali abayibambe kwi-Asian Cup ne-Africa Cup of Nations (Afcon).
UPitso uzoba kuleli qembu kuze kuphele isizini ngokwenkontileka ayisayinile.
Konke sekuyohlaluka uma sekuphele isizini ukuthi ulibhekisa kuphi ngemuva kwalokho.
Uma engaqhubeki kwi-Abha Club, kunenqwaba yamaqembu okuthiwa ayamfuna (ikakhulukazi e-Afrika) uma kuqala isizini ka-2024/2025.
FUNDA NALA: UThembinkosi Lorch ‘uthembe uMdali ngesinqumo’ ngeDowns?
IKaizer Chiefs isanda kukhipha isitatimende iziqhelelanisa nokufuna uMosimane, nokuthi lo mqeqeshi uyichayisile.

