EzakamuvaIbhola

UThembinkosi Lorch ‘uthembe uMdali ngesinqumo’ ngeDowns?

UThembinkosi Lorch usebhale umlayezo ongaqondakali noma ngowokubika ukuthi kunesinqumo esikhulu asithathyo yini ngempilo yakhe.

“Nkosi ngicela ungihole ezinqumeni zami. Ngiyakwethemba,” ubhale kanje uThembinkosi Lorch kwi-Instagram yakhe.

Ubhala kanjena nje lo mdlali kubikwa ukuthi iMamelodi Sundowns impintshela ukuthi kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali seyiqedile noThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates.

Ngokubika kwe-IdiskiTimes, bapotshozelwe umthombo ukuthi uThembinkosi Lorch usevumelene ngemibandela ethile neqembu laseChloorkop (ngokwakhe).

Kuthiwa utshele abanye abadlali bePirates ukuthi angase ahambe aye kwiSundowns njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Nokho kuvela ukuthi kusamele kuvumelane amaqembu womabili kuqala.

Lokhu kungenza ukuthi kume konke kuze kube uJuni nonyaka.

ISundowns sekunesikhathi kuvela ukuthi ifuna eze eChloorkop uLorch, oyisithandwa sabalandeli bePirates.

Uma konke kugcina kulungile lo mdlali uzobe engeyena owokuqala, othandwa kwiBucs, ukuwelela kuMasandawana.

Kwenzekile kumasizini edlule kuhamba uGift Leremi, ongasekho. Kwenzeka nangesikhathi uTeko Modise eshiya isigubhukane kwiPirates. 

Kuphindile futhi iSundowns ‘ intshontsha’ owayengukaputeni weBucs, u-Oupa Manyisa.

Ezinye ezithinta iSundowns zithi seyiqedile noTashreeq Matthews, we-IK Sirius.

Iwindi lokuhwebelana ngabadlali liyavalwa namuhla phakathi kwamabili.