Uzovuka ngomsebenzi ngongcono ‘oxoshwa’ kuMaZulu
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa isezinhlelweni zokuqinisa izinhlaka zokuqeqesha emaqenjini amancane.
Sekunesikhathi eside ke iSafa ingenabo abaqeqeshi abaqashwe ngokugcwele emaqenjini kusukela kwelika-Under 23 kuya ezansi.
Ngokuthola kweMpempe, uRenielwe Lethsolonyane noMark Mayambela ngabanye babaqeqeshi abangase baqashwe yiSafa.
ULetsholonyane usebenza kuMaZulu njengamanje kanti njengoba besike sabika, isimo asisihle njengoba abaphathi bengeneme ngaye.
“Njengoba nabika nje, uyahamba impela. Angazi ke noma uxoshiwe noma uzihambele yini,” kusho umthombo.
Lo mthombo uveze ukuthi uLetsholonyane noMayambela bangase bamenyezelwe maduze njengabanye babazosebenza emaqenjini amancane.
“Angazi noma bazoba ngabaqeqeshi noma bazoba amaphini yini, kodwa khona kukhona okwenzekayo ngabo.
“Ngizwe nokuthi kungenzeka banikwe elilodwa lalamaqembu basebenze ngokubambisana kulo,” kuchaza lo mthombo.
Owake waba ngumqeqeshi weBafana Bafana, uPitso Mosimane naye uke wayihleba indaba kaLestholonyanye noMayambela.
“UWalter Steenbok weSafa umatasatasa upheka abaqeqeshi bekusasa leNingizimu Afrika,” ubhale kanje uPitso kwi-X.
Ubefake isithombe sakhe eme noMayambela noLetsholonyane abebeyingxenye yezifundo zeSafa zokuthuthukisa abaqeqeshi muva nje.
“Sichithe usuku lonke sixoxa ngezimo zesimanje zebhola. Ngahlatshwa umxhwele uthando lwabo nesifiso sabo sokufunda.”
Ngempelasonto, iSunday World ibike ukuthi iSafa izoqasha oMorena Ramoreboli, David Nyathi noRaymond Mdaka ezinhlakeni zamaqembu amancane.
FUNDA NALA: Iyamjabulisa inselelo yokuyovika izembe uPitso
Lezi zinguquko kwezokuqeqesha kwiSafa kulindeleke zenziwe ngemuva kwe-Afcon uma umqeqeshi weBafana uHugo Broos esecacisile ukuthi uyaqhubeka nomsebenzi noma uyashiya.

