Kunuka santungwana kwi-Algeria eshiywe abayisishiyagalombili
SIHLE NGUBO
Kushayisa amakhala ukumemezela kwabadlali be-Algeria, okukhona kubona ukaputeni uRiyad Mahrez, ukuthi sebethi khumu eqenjini lesizwe.
Kushaqisile impela ukuthi uRiyad Maharez, oseke wadlala kwiManchester City, usewagaxa emgibeni amakhokho akhe uma kukhulunywa ngemidlalo yomhlaba.
Akahambi yedwa njengoba kukhona abanye ozakwabo, abayisikhombisa, nabo abathi ngeke besayidlalela i-Algeria.
Labo badlali, uSofiane Feghouli, u-Aïssa Mandi, uRaïs M’Bolhi, uNabil Bentaleb, Baghdad Bounedjah noYoucef Belaïli.
Akuvamisile nokho ukuthi abadlali abayisishiyagalombili beqembu lesizwe elilodwa, bamemezele ukugaxa amakhokho emgibeni ngesikhathi esifanayo.
Lokhu kukhomba ukuthi nakanjani kukhona inkinga ekhona eqenjini lesizwe lase-Algeria.
Kuvela ukuthi nomqeqeshi we-Algeria, uDjamel Belmadi, angase afake incwadi yokwesula.
I-Algeria iwashe ijezi ekuseni kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, eqhubekayo e-Ivory Coast.
Leli qembu, eseliwine i-Afcon kabili, lishaywe yiMauritania ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesithathu.
Lona ngumdlalo obekumele liwuwine nakanjani ukuze lidlulele kwiLast 16 ye-Afcon.
Kunemibiko yokuthi uRiyad Mahrez ukhale ngesimo sezulu ngemuva kokuthi bephume kwi-Afcon.
FUNDA NALA:Â Isiyobanjwa esithele nayo kwiMoroka Swallows
Uphinde wakhala ngengcindezi abebeyithola kwabezindaba ngesikhathi salo mqhudelwano.

