EzakamuvaIbhola

IFifa ihoxise isigwebo seZimbabwe, isizobuyela ebholeni lomhlaba

Alfred Ngubane

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa isikuhoxisile ukumisa kwayo iZimbabwe Football Association (Zifa) ebholeni lamazwe ngamazwe. 

Lokhu kwenzeka nje sekusele izinsuku ezimbalwa kuqhathwe amaqembu azolwlea ukungena eNdebeni yoMhlaba ka-2026. 

Kuqokwe ikhomidi lesikhashana elizolawula ukuphathwa kweZifa kuze kube kwenziwa ukhetho lokuqoka abaphathi abasha. 

IZimbabwe yamiswa iFifa ngoFebhuwari ka2022 ngemuva kwezinsolo zokugxambukela kukahulumeni ekuphathweni kweZifa eyayibhekene nezinkinga. 

Isigungu esiphezulu seZifa sahlakazwa ngoNovemba ka2021 yinhlanganiso iSports and Recreation Commission, eqokwe eyayiqokwe nguhulumeni ukwenza lokhu. 

Lokhu kwakulandela izinsolo zokungaphathwa ngendlela kwemali eyayikhishwe uhulumeni ukuze iqembu lesizwe lifeze izidingo zalo kwi-Africa Cup of Nations ka-2019. 

IZimbabwe idlale imidlalo yokuhlungela ukuya eNdebeni yoMhlaba ka-2022 eQatar, kodwa yayekiswa seyiphakathi kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2023 ezoba se-Ivory Coast ngoJabuwari.

Leli komidi lesikhashana libekelwe ukuthi phakathi kwemisebenzi yalo yansuku zonke, lizobuyekeza imithetho yeZifa yokukhetha ubuholi obusha. 

Kuzomele liqinisekise ukuthi iyahambelana nemigomo yeFifa futhi iyemukelwa yiZifa. 

Leli komidi lizoholwa ngumqondisi uLincoln Mutasa futhi kufanele liqede umsebenzi walo ngoJuni 2024.

Ukuqhathwa kwamaqembu azolwela indawo eNdebeni yoMhlaba ka-2026 kuzokwenziwa emhlanganweni mokhulu weCaf ozoqala ngokusemthethweni ngoLwesine e-Abijan, e-Ivory Coast. Umzuliswano wokuqala wemidlalo yokuhlunga uzodlalwa ngoNovemba.

Lokhu kuqedwa kwesigwebo seZimbabwe kuzosiza nabadlali bakuleli lizwe bavuleleke ukuyodlala kwamanye amazwe njengoba bebengavumelekile kule minyaka emibili edlule. 

FUNDA NALA: U-Erasmus uthi iPirates izobuya eSpain seyingcono kakhulu

Lokhu bekubakhalisa kakhulu ngokuthi bancisheka amathuba okuyokwenza imali engcono ngebhola labo eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe aphesheya.