EzakamuvaIbhola

Isiyobanjwa esithele nayo kwiMoroka Swallows 

Wubutatata bodwa kubaphathi beMoroka Swallows njengoba besazama ukuhlanganisa iqembu kulandela ukuxosha abadlali abangu-22 ngesonto elidlule.

Yize indaba yokuxoshwa kwabo ingakacaci kahle njengoba abanye besaluthathele izinyathelo zomthetho elokuxoshwa kwabo, iqembu liyaqhubeka nezinhlelo.

Inkinga ebhekene nayo iMoroka Swallows wukuthi isalelwe yisikhathi esincane sokuthi ibhalise abanye abadlali njengoba iwindi lokubhaliswa kwabadlali livalwa ngoLwesihlanu.

Lokhu kumenyezelwe yiPremier Soccer League kuleli sonto, ikhumbuza amaqembu ukuthi asalelwe yizinsukwana ukusayina nokubhalisa abadlali abasha. 

Kuvela ukuthi okutatazelisa abaphathi beSwallows wukuthi bawasulile amagama abadlali ababaxoshile kwiPSL.

Lokhu kwenza ukuthi ngeke isakwazi ukubasebenzisa kanti kumele ibhalise abanye ukuze izokwazi ukuba nesibalo esanele sabadlali.

“Kwakulaba ebingakabaxoshi, kusekhona okungenzeka ibaxoshe ngoba bekusaqulwa amacala abo,” kusho umthombo. 

“Lokhu kuzokwenza ukuthi bebe bancane kakhulu abadlali ezosala nabo okuzomele isebenzele phezu kwabo. 

“Njengoba iwindi livalwa maduze nje, kujuluka indoda njengoba bezama ukuthi livalwe sebekwazile ukubhalisa isibalo esanele sabadlali.”

ISwallows izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 la izobhekana khona neCape Town City ekuhambeni.

Ixosha abadlali nje yingoba beyibabeke icala lokungenela isiteleka esingekho emthethweni ngoDisemba.

Lokhu bekulandela ukuthi abadlali bagoloza ukuqhubeka nokujima nokudlala imidlalo yeligi kuze kube bakhokhelwa imiholo kaDisemba.

Babefuna ukukhokhelwa ngoDisemba 22, okwakuwusuku olungaphambili kolokuhola.

Kuvela ukuthi babesabela ukuthi abaphathi bazobaleka nemiholo yabo uma belinda ukuphela kwenyanga kwazise bekunezinyanga abebebuye bengaholi ngazo.

Lesi siteleka saphoqa iqembu ukuthi lingakwazi ukudlala imidlalo emibili yeligi ngoDisemba.

Ligcine lihlawulisiwe yiPSL kulandela ukuvuma icala lokuhlaza le nhlangano nebhola lakuleli ngasekuqaleni kwale nyanga.