EzakamuvaIbhola

URulani Mokwena uyayihlonipha iChiefs ‘esingcono kakhulu’

Njabulo Shezi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena ngeke ayithathe kancane Kaizer Chiefs yize isazama ukuzithola ngaphansi komqeqeshi omusha uMolefi Ntseki. 

Amakhosi adlale ngokulingana neChippa United emdlalweni wawo wokuqala weDStv Premiership, eThekwini ngeSonto.

Lo mphumela kufanele ukuba ubajabulisile abalandeli beSundowns ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu walezi zinkunzi ozoba seLucas Moripe Stadium.

Lokhu kungenxa yokuthi iqembu labo elicijwa uRulani Mokwena laqopha umlando ngesizini edlule eshaya iChiefs ngo 4-0 emdlalweni ofanayo. 

Kodwa noma iSundowns kuyiyo ebhekiwe ukuthi iphinde izidlele amahlanga kulo mdlalo wangoLwesithathu, uRulani Mokwena akafuni ukukufaka ekhanda lokho. 

Lo mqeqeshi uthumele umqeqeshi wonozinti uWendell Robinson ukuthi ayoba yinhloli yakhe kulo mdlalo weChiefs obuseMoses Mabhida Stadium. 

“Into yokuqala wukuthi kumele sihloniphe wonke amaqembu,” kusho uMokwena ekhuluma ngalo mdlalo wabo neChiefs. 

“Siyazihlonipha izimbangi zethu futhi neKaizer Chiefs ayihlukile. Sonke siyawazi umbango weSundowns neChiefs futhi kulokhu mkhulu. 

“Inomqeqeshi omusha odinga isikhathi sokusebenza ukuze agxilise indlela yakhe kubadlali…

“Abadlali bakhe ababili basemuva abasha (oThathayaone Dithlokwe noGiven Msimango) nakhombise ukuxhumana kahle.

“Lokho kukhombisa ukukhula ngasohlangothini lwabo. Inhlonipho ngoba basayine kahle futhi bengasilimaza.

“Ngokwami ngibona bethuthukile ngokwezinga labadlali abanabo eqenjini,” kuncoma uRulani Mokwena. 

Isimo saseLucas Moripe Stadium naso sike saba yindaba egudwini ngemuva kokuthi phambilini iPSL yayiyivalile le nkundla ekutheni isingathe imidlalo. 

Nokho uMokwena unethemba lokuthi inkundla izoba isesimweni esihle kulo mdlalo.

“Ngenhlanhla, ngike ngaya eLucas Moripe ngeSonto eledlule ngakhuluma nabasebenzi abebesebenza kule nkundla. 

FUNDA NALA: Ukhumbule ingoma kaMandoza oweChippa ‘evuka kade esewile’

“Benza umsebenzi omuhle. Yize ngingacabangi ukuthi kuzoba yinkundla engcono kakhulu… ngicabanga ukuthi izoba sesimweni esihle.”