Afcon 2023Ezakamuva

RSA v Morocco: Umlando uvuna iBafana kodwa…

IBafana Bafana isaguqiswe yiMorocco kanye kuphela emidlalweni ye-Africa Cup of Nations (Afcon), selokhu la mazwe aqala ukubhekana.

INingizimu Afrika neMorocco baqale ukubhekana kwi-Afcon ngo-1998.

Kulowo mdlalo we-quarterfinal kwawina iBafana Bafana ngo 2-1. 

Leli qembu lakuleli labe selihlulwa yi-Egypt kowamanqamu kulowo nyaka.

Ngo-2002 iqembu lakuleli laphinde lawina ngo ngo 3-1 emdlalweni wamaqoqo kaGroup B libhekene neMorocco.

Ngo-2004 kwaba ngu 1-1 emdlalweni wamaqoqo kaGroup D, kwathi ngo-2013 kwaba ngu 2-2 emdlalweni kaGroup A eNingizimu Afrika.

IMorocco ize yakwazi ukushaya iNingizimu Afrika ngo 1-0 emdlalweni wamaqoqo kaGroup D ngo-2019.

Ngesikhathi kuhlungelwa i-Afcon ka-2023 iMorocco iwine ngo 2-1 ekhaya.

Nokho ithe uma ibuyela eNingizimu Afrika, iBafana yazibuyisela zishisa izinduku iyishaya ngo 2-1.

Lowo bekungumdlalo wokugcina phakathi kwala maqembu ngoJulayi nyakenye.

Okuphawulekayo ukuthi emdlalweni owodwa wobungani ngo-2013, nakhona alikho iqembu elagoba uphondo. Umdlalo uphele ngo 1-1.

Nokho konke lokho azokubeka eceleni la maqembu uma esetholana phezulu koweLast 16 ye-Afcon ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.

Okufanele kube semiqondweni yabadlali ukudlala ibhola elizobadlulisela kuma-quarterfinal e-Afcon ka-2023.

Ukuqhubekela phambili kuzosho ukubhekana neCape Verde, eshaye iMauritania ngo 2-1 koweLast 16, ngoMsombuluko.

KwiBafana Bafana kubhekwe ukuthi abhukule uPercy Tau ongakazibonakalisi kahle selokhu kuqale i-Afcon ka-2023.

Kwi-Atlas uHakim Ziyech akwaziwa noma uzobe ekhona yini. Nokho uma ekhona angayinika inkinga enkulu iBafana.