UZungu akanalo unya, ubengahlosile okubi kuParker
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena usevikele umdlali wakhe wasesiswini uBongani Zungu ngesenzo sakhe esimveze njengomdlali ononya futhi ongenazwelo.
UZungu uphule umlenze kaBernard Parker esehlakalweni esinyantisayo esenzeke emdlalweni weCarling Knockout Cup ngoLwesithathu.
Kulo mdlalo bekubhekene iTS Galaxy neSundowns. Ugcine unqotshwe yiGalaxy ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Kodwa into okugcine kuyiyo esematheni eyokulimala kukaParker ophuke phohlo umlenze ngemuva kokunyathelwa kabuhlungu uZungu.
Lo mdlali weSundowns ukhishwe ngekhadi elibomvu ngaso leso sikhathi. Kodwa kunokuba abonise uzwelo nokuthi kube yiphutha, ulwisane nonompempe.
UZungu ubegoloza ethi yena akenzanga lutho olubi futhi akumfanele ukuhlawuliswa ngalesi senzo. Uze wayosithela emhhumeni wabadlali ekhalaza.
Lokhu kubashaqisile abaningi, futhi bekukhalwa ngaye usuku lonke ezinkundleni zokuxhumana, kusolwa ukungabi nabuntu kwakhe.
Ekhuluma nabezindaba eMbombela Stadium ngemuva komdlalo, uMokwena ubuziwe ngalesi sehlakalo, wavele washaya ngamafuphi.
“Engingakwenza wukufisela uBernard Parker ukuthi asheshe alulame, futhi ngethemba ukuthi akukubi ngendlela obekubukeka ngayo,” kusho lo mmqeqeshi.
“Njengoba ngimazi nje uBongani, ngiyazi ukuthi ubengaqonde bubi. Ubengahlosile ukumlimaza.
“Into engingayenza nje wukufisela uParker ukuthi asheshe alulame,” kusho uMokwena ovamise ukulanda umlibe uma ebuzwa izinto.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi umdlali weSundowns uTeboho Mokoena uke wakuveza ukuthi sebeqinisa unyawo uma bedlala kuleli ukulungiselela imidlalo yeCaf Champions League.
Wakusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates kwiDStv Premiership emavikini ambalwa edlule.
FUNDA NALA: URiveiro ucacisa ekaLepasa neBafana, ucasha ngesithupha
Nakulo mdlalo kwakukhalwa ngakho ukudlala kabi kwabo njengoba kukhona la kwakufanele abadlali bayo bakhishwe ngamakhadi abomvu kodwa basinda.