Iphenduke ihlaya iSafa umqeqeshi wayo engenaso isitifiketi
Njabulo Shezi
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa ingene ehlazweni, yaphenduka ihlaya ngento eyaqalwa yiyo empini yayo nePSL.
Isikhulu sale nhlangano esiphethe ezokuqeqesha, uWalter Steenbok wahlambalaza abaqeqeshi abathile bamaqembu ePSL ethi abanazo izitifiketi ezifanele zalo msebenzi.
Wasala ephoxekile ke uma esethola ukuthi laba ayebagagule ngamagama banazo, futhi nePSL iyazifuna uma kuqala isizini.
Manje iSafa seyiphinde yaphoxeka. Iphini lomqeqeshi weBafana Bafana uHelman Mkhalele akakwazi ukubamba uma uHugo Broos engekho ngoba izitifiketi azibonwa.
UMkhalele bekumele kube nguye ozoqeqesha iBafana uma seyidlala kwiCosafa Cup ngenyanga ezayo. Kodwa ngenxa yokuthi imithetho yeCosafa ijikile, ifuna umqeqeshi abe nesitifiketi seCaf Pro, Caf A noma Caf B License.
Yena kuvela ukuthi uneseSafa Level 1. Yingakho le nhlangano igcine ilanda uMorena Ramareboli ukuthi kube nguye ozoqeqesha iBafana kulo mqhudelwano.
Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila uhlekise ngalesi simo kwiTwitter, ethi ubecabanga ukuthi ngabePSL kuphela abangenazitifiketi.
“Bekukhulunywa ngathi ngalento yezitifiketi zokuqeqesha isikhulu seSafa sibukisa ngathi. Kodwa manje umqeqeshi weqembu lesizwe naye akana twaa.
“Sengiyabonga nje ngoba mina ngingumqeqeshi okhaliphile futhi ohlakaniphile kodwa ongenasicucu,” kubhala uMammila.
Nosihlalo weSwallows FC, uDavid Mogashoa uncinzile kwiSafa ngalesi simo esiyiveza inhlekisa kwazise yiyo efuna kuqiniswe umthetho ngezitifiketi zokuqeqesha.
“UMusa (Nyatama) kwabukiswa ngaye ngenyanga edlule kuthiwa uqeqesha ngesitifiketi sokushisela kantiā¦,” kubhala uMogashoa.
FUNDA NALA: URanga Chivaviro uveza indabuko yakhe, nobuhlungu bezembe
ISafa beyingakaphawuli ngalokhu ukuthi ivume ukuthi kuyiqiniso, noma iphike bese ichaza ukuthi kungani ilamde uRamareboli ekhona uMkhalele.