Ne-Orlando Pirates iyambonga uNkanyiso Zungu ogajwe yiRichards Bay
By Sihle Ngubo
I-Orlando Pirates ikhethe ukumdedela aye kwenye indawo uNkanyiso Zungu ebimbolekise kwiRichards Bay kule sizini.
Lo mdlali olinxele ukhonjwe indlela kwiRichards Bay kuleli sonto kanti kuvela ukuthi kungenza yokuhluleka ukuziphatha.
Impempe yiyo ebike udaba lokuxoshwa kukaNkanyiso Zungu kuqala njengoba ithole ngomthombo wayo ukuthi iqembu selidelile nguye.
Kuthiwa ubethanda amanzi ampnjwana, ukulwa nozakwabo nokuzazisa ukuthi yena ungcono futhi kumele adlale noma engakufanele.
Ne-Orlando Pirates, okuyiyo ebimbolekisile, seyidelile vele nguye njengoba ingayivuselelanga nenkontileka yakhe nje.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yimenenja yakhe uMike Makaab kwiGagasi FM ngoLwesihlanu kusihlwa.
“Akezubuyea kwi-Orlando Pirates. Inkontileka yakhe kwiPirates iyaphela (ngoJuni),” kusho uMike Makaab.
“I-Orlando Pirates beyinawo umbandela wokwelula inkontileka yakhe kodwa abawusebenzisanga.
“Ngakho uma kuphela uJuni uzobe esekhululekile engasenankontileka ndawo.”
UMike Makaab unxuse abomndeni nabangani bakaNkanyiso Zungu ukuthi bamlekelele ukuyeka lemikhuba yakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi nakwiPirates kuphele isizini edlule engasekho eqenjini ngoba emisiwe.
Lokhu kwakulandela isigigaba la ashaya khona intombi wayilimaza edle wona amanzi kagesi belu.
Nokho uMike Makaab akakalilahli ithawula ngalo mdlali wakhe, athi usazomzamela kwenye indawo.
“Okubaluleke kakhulu okufanele sikwenze thina ukuqinisekisa ukuthi simbonisa ngendlela efanele.
“Nabangani bakhe, nomndeni kumele benze okufanayongoba unekhono elihle kakhulu.
“Okumele akwenze nje ukulungisa lezi zinto zakhe, ngale kwalokho ngisakholelwa kuye.
“Ngicabanga ukuthi kuningi asangakwenza ebholeni,” kusho uMike Makaab obukeka eneshwa labadlali abahluleka ukuziphatha.
FUNDA NALA: Uxoshelwe utshwala, impakamo nempi oweRichardsBay
Kuzokhumbuleka ukuthi no-Andile Jali noSipho Mbule beMamelodi Sundowns bake basolwa ngakho ukweqisa ezinyembezini zikhaKhwini.