Ngabe kuyisisombululo kwiChiefs ukuxosha uNabi?
SIHLE NGUBO
‘Kuyinto esisebenza kuyona ezothatha isikhashana. Abalandeli kumele bathembe lokhu esikwenzayo.’
UNasreddine Nabi oqeqesha iKaizer Chiefs useke wakusho kaningi lokhu, ukuthi bayasebenza ukulungisa iqembu, futhi kuyinto ezothatha isikhashana.
Lokhu kuke kwananelwa nayimenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ngemuva kokuthi iqembu lishaye iStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership.
Nokho kunzima kubalandeli beChiefs ukwamukela ukushaywa njengoba iqembu lihluleka ukunqoba imidlalo ilandelana.
IChiefs izithola isendaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-22.
Abanye abalandeli sebevele bashaya amakhala ngoNabi futhi abasethembi nokuthi iqembu lizokwazi ukuzibekisela indawo kwiTop 8.
IChiefs ayizange iyidlale imidlalo yeMTN8 kule sizini ngenxa yokuthi iqede ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule.
Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kuphela ukuthi iChiefs usonge isizini engabanga yinhle, bakhona abathi akahambe umqeqeshi ngoba abakuboni kahle akwenzayo.
UNabi usenalo ithuba lokushintsha imiqondo yalabo abashaya amakhala ngaye njengoba iqembu lisekhona kwiNedbank Cup ka-2025.
Amakhosi alinde ozonqoba phakathi kweMamelodi Sundowns neSekhukhune United abazodlala umdlalo we-quarterfinal owahlehliswa ngoMashi 28 eLucas Moripe Stadium.
Ukufinyelela kowamanqamu kweChiefs kungazigeza izinhliziyo zabalandeli abakhala mihla namalanga ngokungenzi kahle kweqembu.
Akungabazeki ukuthi bangajabula kuze kushaye uKhisimusi uma iqembu linganqoba iNedbank Cup. Sekuphele iminyaka eyishumi iChiefs yagcina ukuqukula indebe.
Ingcindezi inkulu kuNabi futhi abanye bathi uzogcina ezisulele ngoba nabadlali abazinikeli ngokuphelele enkundleni. Mhlawumbe kungalamula ukunqoba iNedbank Cup bese aqhubeke nokwakha ngesizini ezayo.
Abaqeqeshi asebelahlekelwe imisebenzi kule sizini kwiBetway Premiership:
UDan Malesela (Marumo Gallants), uLehlohonolo Seema (Sekhukhune United), u-Eric Tinkler (Cape Town City), uPablo Franco Martin (AmaZulu FC), uMuhsin Ertugral (Cape Town City), uBrandon Truter (Richards Bay FC), uManqoba Mngqithi (Mamelodi Sundowns) Gavin Hunt (SuperSport United) noClinton Larsen (Magesi FC)

