‘U-Adams wayengumdlali wasemuva,’ kusho oweChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, ozofihlwa ngempelasonto, uJayden Adams, wayengumdlali wasemuva kwesokudla.
Lokhu kuvezwe uThembela “Tera” Maliwa oyinhloko yabahloli yahlwayi bekhono kwiKaizer Chiefs, ngesikhathi ekhuluma kwiRadio2000, ngoLwesihlanu.
U-Adams, obeneminyaka engu-25, udlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule, kanti kukholakala ukuthi uzikhungile.
Lokhu kushaqise abantu abaningi ngoba lo mdlali ubesanda kubuya kwiNdebe yoMhlaba, e-USA, eMexico naseCanada, neBafana Bafana.
Lo mdlali ufike kwiSundowns esuka kwiStellenbosch FC, kanti kwividiyo ayenza esadlalela iStellies wake waveza ukuthi ufisa ukudlalela iLiverpool ngelinye ilanga.
“Abantu abazi ukuthi wayengumdlali wasemuva kwesokudla futhi omuhle kakhulu kulabo esake sababona,” kusho uMaliwa.
“Ngesikhathi simbona sasazi ukuthi uzongena khaxa endaweni ka-Abu Mobara owayevele eseqenjini elikhulu.
“UJayden waba umdlali waseswini esesezingeni lika-Under 17 ne-Under 18. Waba nathi kwi-Ajax iminyaka emibili kuphela, kwase kuphoqeleka ukuthi asishiye ngoba ibanga laliyinkinga.
“Abazali bakhe babengasakwazi ukumletha esuka eStellenbosch.”
U-Adams ugcine ukudlalela iSundowns ngesikhathi ithatha indebe yeCAF Champions League, kulandela kushaya i-ASFAR, yaseMorocco, kowamanqamu.
“Umndeni wakhe unomlando webhola, yomibili okayise nokanina,” kuqhuba uMaliwa.
“Umndeni wakwa-Adams nowakwaLe Roux yayisondelene kakhulu. Wawubona ukuthi kunempumelelo, uJayden wayewumfana oqondile.
“Ngakhuluma naye ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, ngathi kuyena ngeke abuyele ekhaya ngemuva kwalo mqhudelwano.
“Ngangibona ukuthi kukhona amaqembu ayezomfuna. Nginesiqiniseko sokuthi akhona.
“Ubengumdlali obemuhle kakhulu futhi enzima. Ubezokwazi ukudlala ngaphandle kwase-Afrika.”

