Afcon 2023Ezakamuva

UYaya noMokoena, ‘amawele angafani’ eBafana

USiphephelo “uYaya” Sithole, ongumdlali waseswini kwiBafana Bafana ukholwa wukuthi sebewubambile umgqigqo benozakwabo uTeboho Mokoena.

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos usethembele kulezi zinsizwa zombili ukuthi zibambe isisu eqenjini lakhe.

Futhi nazo azikakaphoxi okwamanje njengoba zibambisana futhi seziphenduke amawele yize bengalingani ngeminyaka.

UYaya uneminyaka engu-23 futhi udlala phesheya, kanti uMokoena unengu-27 futhi udlala kuleli kwiMamelodi Sundowns.

“Ngomdlalo wokuqala neMali bekunzima ukudlala ndawonye noTeboho Mokoena,” kusho uYaya kuleli sonto.

“Kodwa ngomdlalo olandelayo sibhekene neNamibia, siqalile kancane sakhomba ukuhlangana. 

“Sithe sifika emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo sibhekene neTunisia sabe sesihlangene kahle, sayibamba ngqi esiswini.” 

Njengoba bekhombise ukuba ngcono umdlalo nomdlalo kusukela beqalile kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast, uYaya ukholwa wukuthi bengaya kude.

NoBroos uke wabuzwa ngokudlalisa kwakhe uYaya noMokoena, wathi indlela abahluke ngayo yanza iqembu libhalanse kahle. 

“UYaya ungumdlali onomdlandla namandla. UTeboho yena udlala kakhulu ngomqondo, ungumdlali ongcono kunoSithole.

“Kodwa uma behlangene badlala kahle kakhulu esiswini,” kuchaza uBroos kuleli sonto.

“Ngijabule ngoTeboho, lokho siyakwazi sonke. Ubevele edlala kahle kule ndawo yakhe.

“Kodwa engikubone kuSithole kule Afcon wukuthi usethupcuke kakhulu futhi uwusizo olukhulu kuTeboho esiswini…

“Ikakhulukazi uma sifuna ukugcina ibhola, noma sidinga amandla. Badlala ngokuhlangana okuhle kakhulu.” 

UBroos uzobe ethembele kubo laba badlali ukuthi bahlakaze iminyakazo yeMorocco futhi balawule isisu ngoLwesibili ebusuku.

IBafana izokhiphana inkani ne-Atlas Lions emdlalweni womkhululajezi.

Elizodlula phakathi kwalamaqembu lizobe seliyobhekana neCape Verde ekhombisa ukukhula okukhulu kulo mqhudelwano.