EzakamuvaIbhola

Alumelile amazwi kaMammila kwiKaizer Chiefs, izomgwinyisa wona

Sbongs Gumbi

Inkulumo yomqeqeshi weChippa United ngaphambi komdlalo wezakhe neKaizer Chiefs kunciphisele uzakwabo uMolefi Ntseki umsebenzi. 

Lo mqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, obhekwe ngabomvu umdlalo wakhe wokuqala, ngeke esazikhathaza ngokugqugquzela abadlali bakhe kulo mdlalo.

Amazwi ashiwo nguMorgan Mammila muva nje abukeka ebahlabile abadlali beChiefs abenza bafunga bagomela ukuthi uzowukhomba umuzi onotshwala. 

UMammila uthe iChiefs yiqembu okulula ukudlala nalo. Ngaphansi kwesandla sakhe ngesizini edlule, iChilli Boys iyishaye kalula iChiefs ngo 2-0.

 “IKaizer Chiefs iyiqembu elilula ukudlala nalo, uyabazi, sonke siyabazi. Siyakwazi okuhle nokubi ngayo,” kusho uMammila muva nje.

“Into eyodwa engisesiqiniseko sayo wukuthi akumele ubabukele phansi. Bazokugila uma wenze njalo. Bayiqembu elikhulu. Abalona ihlaya, futhi  basayinise kahle.

“Kodwa engikwaziyo ngabo wukuthi uma kungahambi ngendlela abafisa emizuzwini eyishumi yokuqala, bayakhungatheka bese betatazela.” 

La mazwi abukeka eyicasulile ikhempu yeChiefs njengoba uNtseki naye eseziphendulelile kuMammila, ethi ubekusho lokho ukuze azifake umfutho yena nabadlali bakhe.

“KwiChiefs asilungiseleli iqembu elilodwa, silungiselela wonke amaqembu, silungiselela zonke izindebe esizodlala kuzo,” kusho uNtseki kuleli viki.

Omunye wabadlali bakaNtseki, uMduduzi Shabalala uthi bafuna ukwenza uMammila awagqwinye esefakwe upelepele la mazwi akhe.

“Sebekhulume izinto eziningi ngathi, kodwa sifuna ukuziveza ukuthi sinamandla angakanani, sidlale ngokuzimisela futhi silwele iqembu,” kusho uShabalala.

“Bayiqembu elihle, elinabadlali abahle kakhulu, ngakho-ke silindele umdlalo onzima,” kwengeza lo mdlali oneminyaka engu-19.

UShabalala, okulindeleke ukuthi aqhakaze kule sizini, uthi ukunqoba kweKaizer Chiefs kwiChippa kuzoqinisa ukuzethemba eqenjini ngaphambi komdlalo wabo omqoka neMamelodi Sundowns ngempelasonto ezayo.

“Umdlalo wokuqala ubaluleke kakhulu kithina ukuze sinyuse ukuzethemba. 

FUNDA NALA: UFranco Martin ukhala ngokuhujiswa utalagu kuMaZulu

“Sidlala neSundowns emdlalweni wethu wesibili futhi sifuna ukuya kulowo mdlalo sinamaphuzu amathathu emgodleni.”

IChiefs izokwamukela iChippa ngeSonto ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.