EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Useyitholile incwadi yokumbopha uPhumlani Dube ‘ohlambalaze’ AmaZulu

Isifikile kuPhumlani Dube incwadi evela kuMaZulu FC emxayisa ngokuthi uzothathelwa izinyathelo ezinqala uma engakuhoxisi akusho ngaleli qembu. 

UDube unekele izwe amahlazo aleli qembu laseThekwini abesebenza kulo kuze kuba uyaxoshwa ngoNovemba nyakenye.

Wabiza umhlangano wabezindaba la ayefuna ukuvula isifuba sakhe ngokuxoshwa kwakhe kuleli qembu. 

UPhumlani Dube wathi ukwenza lokhu ngoba usesabela impilo yakhe kulandela ukuthola imilayezo yokumsabisa. 

Wabe eseveza namahlazo okuthi utshwala buhamba phambili kubasebenzi nabadlali kuleli qembu. 

Impempe yiyo ebike kuqala ukuthi Usuthu luhlongoza ukumthathela izinyathelo zomthetho uPhumlani Dube ngalokhu akushilo. 

Umthombo osondelene neqembu wathi lokhu okwenziwe uDube kuwukuhlambalaza iqembu ngakho lihlongoza ukumhubha ngabammeli. 

Uma ebuzwa ngaleso sikhathi uDube ngalokhu, wathi yena akanankinga uzolinda kuze kufike incwadi leyo yokumbopha. 

UPhumlani Dube ube eseyihlebela Impempe ngoMsombuluko ukuthi nebala incwadi yabammeli seyifikile kuye. 

Yize ngathandanga ukwanda ngokukule ncwadi, uthe umxwayiswa ngokuthi ahoxise amagama akhe.

Kodwa yena ngeke akwenze lokho. “Ngeke mina ngixolise nhlobo,” usho kanje uPhumlani Dube ngoMsombuluko. 

“Akukho okumele ngikuxolisele. Ukukhuluma amaqiniso sekuqale nini ukuba yicala kuleli?”

Eyokuthandwa kwezinkamba zikaFaro kuMaZulu kuphinde kwaqinisekiswa nanguBrandon Truter obengumqeqeshi kuleli qembu phambilini. 

Ephendula kubantu abebembuza ngalezi zinsolo azinameka kuMaZulu ezinkundleni zokuxhumana, uPhumlani Dube uthe ubesekhathele ukuthula echukuluzwa.

“Bekungeyona inhloso yami ukunekela umphakathi lezi zinto. Angikaze ngisho lutho kusukela ngoNovemba ngoba ngithi ngivikela isithunzi zeqembu. 

FUNDA NALA: Kuphelile ngeBlack Leopards idliwa yizembe kwiChampionship

“Kodwa bona ngale engxenye bebelokhu benginameka ngodaka, bengcolisa igama lami. Bekungasekho engingakwenza.”

UTruter uthe ngeke yena eqambe amanga ngoba efuna ukuvikela abantu, wakuveza ukuthi kunabadlali abebefika ejimini bedle amponjwana. 

By Alfred Ngubane