EzakamuvaIbhola

ULorch uchaza okumshiyise kwiPirates, aye kwiDowns

UThembinkosi Lorch usekhulume okokuqala ngokumenze washiya kwi-Orlando Pirates, eshiya izinhliziyo ziqaqamba kubalandeli bayo.

Lo mdlali ujoyine iSundowns ngosuku lokugcina lwewindi lokusayinwa kwabadlali ngoLwesihlanu olwedlule. 

Ngemuva kokuhamba kwakhe kuvele ukuthi ngisho usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza ubengafuni ukuthi ahambe.

Kodwa ugcine evumile, wayidayisela iSundowns ngesamba esingadalulwanga. 

ULorch uthi nakuye akubanga yisinqumo esilula ukushiya kwiBucs, kodwa manje usebheke ukufaka kwiSundowns.

“Ukushiya (iPirates) bekunzima, lokhu kwenziwa wukuthi ngibheka isikhathi engisichithe ngigqoke ijezi lePirates nothando engaluthola kubalandeli,” esho etshela iSundowns Magazine.

“Kodwa-ke, ngikholwa ukuthi ukuthatha lesi sinqumo kuyisinyathelo esibalulekile emsebenzini wami njengamanje. 

“Ukuba kule ndawo entsha nokujoyina iqembu eliwinayo njengeSundowns kunginika ukugculiseka okumangalisayo.

“Ngimagange ukufaka isandla ngokusemandleni ami futhi ngiqhubeke nokuzuza impumelelo kulesi sahluko esisha sohambo lwami lwebhola.”

ULorch uphinde wachaza indlela umndeni wakhe osamukele ngayo lesi sinqumo sakhe. 

“Noma ngabe yini engijabulisayo, bahlale bengiseka kuyo. Kunjalo, amanye amalungu omndeni awazange aname.

“Kodwa yibhola lelo. Ushintsho luyingxenye yalo mdlalo futhi ngiyabonga ukwesekwa ngabasondelene nami kakhulu.”