EzakamuvaiDStv Premiership

‘Iphiwe’ uNyame eyoMdlali oVelele koweChiefs neRoyal AM

Indlela umdlalo obewozelisa ngayo, kufanele ukuthi abaqoka uMdlali oVelele bazithole benenkulu inkinga emdlalweni weRoyal AM neKaizer Chiefs ngeSonto ntambama. 

Lo mdlalo weDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium eMgungundlovu, awuzange ufike ezingeni ebelibhekiwe.

Ukulibeka ngembaba nje, lo mdlalo bewozelisa. Indondo yoMdlali oVelele ize yagcina inikwe uPeter Nyame.

Lo nozinti weRoyal AM alikho ibhola eliyingozi alivimbile njengoba abagadli beChiefs bebezishayela amabhola abheke entalashishi nje. 

U-Ashely Du Preez yena uyeke uqekelele wethuba, esebhekene nonozinti kuphela, wavele walikhaba laphuma eceleni.

Mhlawumbe uNyame kumele anconywe ngokuphuma amhlangabeze, amenze atatazele agcine eshaya into ebhedayo. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNyame uthe le ndondo yoMdlali Ovelele ngeyeqembu lilonke ngoba basebenzile ukuvika iqembu eliyingozi.

“Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima ngoba bayiqembu elihle. Baneminyakazo emihle,” kusho uNyame.

“Besisebenza iviki lonke, silandele imiyalelo yomqeqeshi. Le ndondo eyeqembu lilonke. 

“Bekubalulekile ukuthi singangenelwa goli ngoba besazi ukuthi isimo sethu asisihle.

“Bekungelula kodwa sizikhandlile. Besingathola okungcono kulo mdlalo. Ngiyethemba kuzoba ngcono ngokulandelayo.” 

IRoyal AM izobuyela enkundleni ngoLwesine isiyobhekana naMaZulu FC emdlalweni womzuliswano wokuqala kwiNedbank Cup. 

IChiefs yona isizoze idlale ngeSonto ntambama, seyibheke neMilford FC yaKwaZulu-Natal eFNB Stadium. 

Njengoba lena kuyindebe yokugcina esele kule sizini, iChiefs izobe ibheke ukwenza kahle kuyo ukuvika ihlazo olihlanganisa iminyaka eyishumi ingenalutho. 

Nomqeqeshi wayo, uCavin Johnson usekuvezile ukuthi bafuna ukuyinqoba le ndebe, bese beqeda endaweni yesibili kwiligi.