UBroos uzonika uRainers ithuba, kodwa ngathi akamuzwa kahle
SIHLE NDLOVU
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uchaza indaba yabagadli beqembu lesizwe abangajwayele ukugqoka ijezi leqembu laseNingizimu Afrika.
Abaningi bahlale bekhala ngokusala ngaphandle kwabagadli uKhanyisa Mayo, weCape Town City, no-Iqraam Rayners, weStellenbosch FC.
Laba bagadli bebengekho ngesikhathi iBafana Bafana iyibambe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.
“Lokhu kuyinkinga yeminyaka eminingi ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uHugo Broos kwiSafa Media.
“Ngakho asinaye umgadli oshaya amagoli nje kahle, ngisho ngabe bekhona abashaya amagoli emiqhudelwaneni yalapha ekhaya.”
“Ubona uMayo namagoli ayisishiyagalombili noRayners eshaya amagoli kodwa sizobona.
“U-Iqraam Rayners uzodlala ngoLwesibili kodwa wonke umuntu kumele adlale kule midlalo emibili.
“Imidlalo yamazwe ngamazwe ingaphezulu kancane kwiPSL, akulula ukushaya amagoli kodwa sizobona.”
UKhanyisa Mayo udlalile ngesikhathi iBafana ibhekene ne-Andorra ngoLwesine. Nokho akukho okutheni akwenzile lo mgadli.
“Kuzomele sibone, okwamanje sinabagadli abathathu abangekho lapha – u-Evidence Makgopa, u-Aubrey Mothiba noLyle Foster.
“Ngakho kukhona izinto okusamele sizimele. Ngethemba ukuthi bobathathu, mhlawumbe hhayi uMothiba, kodwa uMakgopa noFoster, bazobe sebelungile ngoJuni.
“Leyo midlalo ibalulekile, sakhombisa kwi-Afcon ukuthi siyakwazi ukushaya amagoli.
FUNDA NALA:Â Ayanda azibhekile kuPercy Tau uma eshiya kwi-Al Ahly
“Kodwa ngoLwesine olwedlule sakhe amathuba amaningi kodwa asangashawaya amagoli enele.”

