URulani uphefumula ‘ngomjuxuzo’ kaThembinkosi Lorch
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uthi uphoxekile kakhulu ngesenzo sakamuva somdlali wakhe uThembinkosi “Nyoso” Lorch.
Lo mdlali ushuthe ividiyo (yena uqobo) ezixujuza nabesifazane ababili abangaziwa, endaweni yobumnandi ngeSonto ebusuku.
Kule vidiyo kuyacaca ukuthi bonke baphuzile, kanti kudlala nomculo wasegruvini okuyuwona abawujayivelayo.
UMokwena uthe akwehlanga kahle kuyena ukubona le vidiyo kodwa usazoyibhunga kahle le ndaba naye uThembinkosi Lorch.
“ULorch ungifonelile futhi ubekhala. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalolu daba ngize ngikhulume naye sesibonana ngqo,” kusho uMokwena ekhuluma no-Andile Ncube kwiSportsNightAmplified yeMetro FM.
“Ngizosho ukuthi ngiphoxekile nokho ngoba naye ngimtshelile lokho ocingweni.
“Kumele ngikhulume noLorch kuqala futhi kumele ezwe umuzwa wami ngalesi sigameko sonke. Leyo ngxoxo akuyona eyomphakathi kodwa iphakathi kwami noLorch.
“Saletha uLorch eqenjini sazi kahle ukuthi ungubani nokuthi wenzani. Njengomdlali webhola awunakekeli ikhono lakho kuphela kodwa kumele ubhekelele nekusasa lakho.”
UThembinkosi Lorch uneminyaka emithathu elenga ekhanda lakhe kulandela ukulahlwa yicala lokushaya owesifazane ayethandana naye. Le minyaka ilengiswe iminyaka emihlanu ukuthi angatholakali enza iphutha elifanayo ingakapheli.
Ingozi alengela kuyona uma eqhubeka nokugruva nabesifazane edakiwe, ukuthi azithole ephunyuka ethela impama komunye wabo, ngoba kwenzeka noma yini uma kuphuziwe, bese ezithola eyobhadla ejele.
ISundowns isanda kuqukula isicoco seDStv Premiership kulandela ukuba ngompetha beligi okwesikhombisa kulandelana, ngempelasonto.
Leli qembu alikayisongi isizini ngoba lizobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo.
FUNDA NALA: ‘Angiyena uNkulunkulu mina,’ kusho uJohnson ngesimo seChiefs
Mhlawumbe uLorch kumele ake agxilise umqondo kulowo mdlalo wokugcina wesizini, ngaphambi kokuyozijabulisa ngamambawu ubusuku bonke.