Uxoshiwe unompempe ofambulilile kwi-Afcon
Unompempe waseGabon uPierre Ghislain Atcho usekhishiwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.
Ikomidi leCaf elibhekelele ukusebenza konompempe kwi-Afcon eliholwa nguDésiré Doué Noumandiez wase-Ivory Coast yilo elixoshe lo nompempe.
Ngesikhathi somdlalo wesigaba sokuqala somkhumulajezi obuphakathi kwe-Ivory Coast neSenegal u-Atcho unikeze ikhadi eliphuzi kuSadio Mane.
Lo mdlali ubedlalise omunye kabi kanti bekubonakala efanelwe yikhadi elibomvu.
Uphinde wenqaba ukubekela iSenegal iphenathi kulandela ukudlaliswa kabi kuka-Ismaila Sarr.
Nokho udaba lwakhe lusazobuyekezwa ekomkhulu leCaf kanti mancane kakhulu amathuba okuthi aphinde adlalise imidlalo yale nhlanhano kulo nyaka.
Ngaphandle kwalo nompempe owenze amaphutha asobala, onompempe bebesawenza ngendlela encomekayo umsebenzi wabo kulo mqhudelwano.
Izikhalo ngabo zisencane kakhulu futhi nokusebenzisa kwabo uhlelo lweVAR kuseqophelweni elincomekayo.
FUNDA NALA:Â Uveza okumsize avimbe amaphenathi uRonwen Williams
Kube ngumqhudelwano wokuqala we-Afcon la kusetshenziswa khona nonompempe besifazane ukuphatha imidlalo.

