URenard usephenduke inyama kwawase-Afrika
Kuzwakala ukuthi i-Egypt Football Association isezingxoxweni noHerve Renard, umqeqeshi okumanje usebenza eqenjini lesizwe labesifazane eFrance.Â
Ezakamuva ebholeni lase-Egypt zithi uRenard kungenzeka kube nguyena ozoqashwa kulo msebenzi onengcindezi emangazayo.
Uzobe ezongena ezicathulweni zikaRui Vitória, osekuvele ukuthi uzoshiya kuleli qembu
Kubukeka sengathi uVitória uzoxoshwa noma kunini kulandela ukungenzi kahle kwe-Egypt wki-Afcon.
URenard yinsizwa eyaziwa ngempumelelo yayo neZambia ne-Ivory Coast ebholeni lase-Afrika njengoba anqoba i-Afcon nalamazwe phambilini.
Kuvela ukuthi i-Egypt imbanga neGhana lo mqeqeshi waseFrance njengoba nayo imxoshile umqeqeshi wayo.
Nayo ikhombe uChris Houghton indlela kulandela ukubhacaza kweBlack Stars kwi-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast.
Ngokwemibiko yakamuva, baye umagange ngeGhana njengoba kuthiwa ubona kuyiqembu elingenza kahle ngisho endebeni yoMhlaba ngo-2026.
Nokho into exake iGhana wukuthi ubiza kakhulu kodwa abalandeli bayalwa, bathi akalandwe inhlangano eyengamele ibhola iyaphosisa uma ithi ngeke ikhone ukumkhokhela.
Kuthiwa njengamanje uhola u-R670 000 ngenyanga, kanti uHoughton ubehola u-R1.3 million ngenyanga.
Njengoba neSenegal kuvela ukuthi ingase imkhombe indlela u-Alilou Cisse, kungenzeka nayo ingene umbango kaRenard.
Afcon 2023: Izinto ezilishumi ezisahehe amehlo
Amanye amazwe angase akhalele kuRenard yiTunisia ne-Algeria, nabo abangene ehlazweni kwi-Afcon.

