Ezakamuva

Ngabe uZandi Khumalo useqalile ukuxhelwa yicala likaMeyiwa?

Sihle Ngubo

UZandi Khumalo okunguyena ufakazi osebhokisini njengamanje ecaleni likaSenzo Meyiwa ‘ugule’ esikhaleni ngoLwesithathu ntambama.

Lokhu kwenze ummeli uGeorge Baloyi acele ukuthi ufakazi akhululwe ngoLwesithathu ukuze ayolungisa isimo sakhe.

“Ufakazi wethu unenkinga yokuhlala nokuyinto eyenza angaphatheki kahle. Kuyimanje akaphilile,” kusho uBaloyi.

Ijaji libe selicela ukuthi uZandi Khumalo asukume ayichaze kahle indaba yakhe. Acacise ukuthi ngabe yini inkinga yakhe. 

“Angiphilile kubuhlungu isifuba,” kuziphendulela uZandi Khumalo.

Lokhu kwenze lacikeka ijaji futhi kucacile ukuthi aliyizwa indaba yokugula kukaZandi. 

Ngaphambi kokuthi abuye esegula uZandi bekuyiwe ekhefini lemizuzu emihlanu futhi bekungakazwe kubikwe ukuthi uyagula.

UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa esekhaya likaKelly owayeyintombi yakhe futhi abanengane naye.

Phambilini uZandi ubeke waveza ukuthi uMeyiwa bamyisa esibhedlela bona lapho afika aphelela khona. 

Uthe umama wakhe uyena owabatshela ukuthi uSenzo usedlulile emhlabeni, bakhala bonke.

Bathi besakhala kwafika uMandisa (umfazi kaMeyiwa) ehamba nabadlali be-Orlando Pirates nabanye abangani bakhe. 

Uthe laba bangani bafika badedela isibhaxu kuKelly Khumalo baze bamdonsa ngezinwele khona esibhedlela.

Okunye okwenziwe uZandi Khumalo ukukhomba ummangalelwa wesibili, wathi ungomunye walabo abangena endlini ngesikhathi kudutshulwa uMeyiwa ngo-2014 eVooslorus. 

Uthe umbona kahle ebusweni futhi nesiqu sakhe uyasazi. Icala liyaqhubeka ngoLwesine ngo-10 ekuseni. 

FUNDA NALA: IMoroka Swallows ingase yengeze ngababili abaduma kwiPirates

UZandi uyena ozobe ehlohlwa imibuzo. Ijaji aliyingeni indaba yokuthi uyagula okuyinto eshayisanayo nokuthi unenkinga yokuhlala.